XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lisadinga ukuthuthuka yize lubuye nawo wonke amaphuzu emdlalweni we-United Rugby Championship eliwudlale neBenetton ngempelasonto.
ISharks iguqise leli qembu lase-Italy ngo 29-7 eTreviso ngoMgqibelo ntambama yabhanselwa ngephuzu ngenxa yokushaya ama-try amane kulo mdlalo.
Lo mphumela uphinde wayisiza ukuthi ikhuphuke kwi-log iyohlala endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-10.
URuben van Heerden, Aphelele Fassi, Phepsi Buthelezi, noSbu Nkosi bashaye i-try ngamunye, kwathi uCurwin Bosch washaya ama-conversion amathathu nephenathi eyodwa.
“Sijabule ngokunqoba futhi sijabule ngokuthi sithole amaphuzu amahlanu ekuhambeni. Kusibeka endaweni yesishiyagalombili futhi sikleliswe phezulu emaqenjini aseNingizimu Afrika, kuhle lokho,” kusho u-Everitt.
“Lokho akusho ukuthi asiwenzanga amaphutha. Sisahlalelwe umsebenzi. Nokho, abafana basebenze kanzima futhi kube nezikhathi lapho senze kahle kakhulu khona sadlala nombhoxo omangalisayo.
“Kufanele siyishayele ihlombe neBenetton ngokusivimba iphinde isifake ngaphansi kwengcindezi.
“Siyibheke ngabomvu imidlalo yasekhaya futhi sinethemba lokuthi sisazokhuphuka kwi-log.”
ISharks izodlala umdlalo wayo olandelayo ekhaya neScarlets yaseWales ngoMashi 11.
IBulls nayo ithole umphumela omuhle e-Italy ngempelasonto iqumba phansi iqembu elisemsileni, iZebre, ngo 45-7, kodwa amaLions namaStormers abaphumelelanga ohambweni lwabo lwase-Ireland.
ILions idliwe yiqembu elihamba phambili iLeinster ngo 21-13, iStormers yashaywa yiConnacht ngo 19-17.