UMENGAMELI weNetball South Africa (NSA), uCecilia Molokwane, uthi nakuba eneme ngezinga lokudayiswa kokuza kweNdebe yoMhlaba kuleli kodwa okuningi ngoxhaso lwezakhamuzi kuzolala emdlalweni wokuvula lo mqhudelwano phakathi kweSpar Proteas neWales.
Nakuba iNdebe yoMhlaba izodlalelwa eCape Town International Convention Centre, kusukela ngoJulayi 28 kuya ku-Agast 6, kodwa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal zibheme zakholwa zinikwa ithuba lokushutha nenkomishi yayo. Umjikelezo wale nkomishi uqale ngoLwesine olwedlule wasongwa ngoMsombuluko, KwaDukuza.
NgoMsombuluko kuqalwe ekomkhulu lesitolo saseSpar, ePhoenix, eThekwini, kwavalwa ngeStanger, KwaDukuza. ISpar isineminyaka ingabaxhasi beqembu lesizwe.
Bekugcwele izitatanyiswa eziphuma emikhakheni eyehlukene, okubalwa kuzo yena uMolokwane, Gugu Ngema ongumengemeli weKZN Netball, izikhulu zikahulumeni, ezabaxhasi bamaProteas, uSpar ukusho abambalwa.
Izolo (ngoLwesibili) lo mjikelezo uqale eGauteng. Uzohambela zonke izifundazwe zakuleli.
Kuzovalwa ngosokhaya, iWestern Cape, ngoJulayi 4-12.
UMolokwane obechichima yinjabulo, uthe uyaliqala isasasa elingaka kubantu bakuleli uma kuza eyomhlaba.
"Kuthe uma sehla nenkomishi eKing Shaka International Airport (ngoLwesine) kwangicacela ukuthi iKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika sebekulungele ukusingatha le midlalo. Sonke siwubheke ngabomvu uJulayi 28. Ngalolu suku sizovula neWales. Nakuba yonke imidlalo ibalulekile kodwa lo ubucayi. Indlela amantombazane ethu azodlala ngayo iyona ezocacisa ukuthi sizohamba ibanga elingakanani,“ kusho uMolokwane.
Uthe okumjabulisayo wukuthi neqembu abaliqokile liyazethemba ukuthi lizokwenza kahle. Emqhudelwaneni wango-2019, e-England, amaProteas aphuthwa yindondo eqeda endaweni yesine.
"Okungijabulisayo ukuthi ezinsukwini ngesikhathi ngimemezela iqembu eliya kweyomhlaba, abadlali bethu abashonanga ezintangeni, bathe bafuna le nkomishi isale kuleli. Siyi-NSA sibaxhase ngakho konke abadlali bethu. Umyalezo engiwubhekise kubona ukuthi abangene enkundleni bafeze iphupho lezigidi zabantu bakuleli. Sibambisene nabaxhasi bethu, siyabathemba ukuthi bazosijabulisa.“
Kuthiwe yonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba izokhonjiswa bukhoma kwiSuperSport nakuSABC. UMolokwane uthe kuzobakhona nama-Fan Park kuzona zonke izifundazwe.
"Siyagqugquzela nalabo abazokwazi ukuya eCape Town International Convention Centre ukuthi baphume ngobuningi. Ngike ngaba umdlali nomqeqeshi, kuyagqugquzela ukudlala phambi kwezihlwele zakho.
“Ngo-2019, sashaywa yi-England emdlalweni wokubanga indawo yesithathu ngoba yayidlalela ekhaya. Kulokhu nathi sizobe sisekhaya.“
Amanye amazwe aseqoqweni neNingizimu Afrika, iJamaica neSri Lanka.