XOLILE MPISANE
UKAPUTENI weqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane, uSune Luus, uthi nakuba ephoxeke kakhulu ngendlela abakhishwe ngayo kwiNdebe yoMhlaba kodwa uyaziqhenya ngendlela iqembu elidlale ngayo kulo mqhudelwano.
AmaProteas abuyiselwe ekhaya ngesikhathi ebhaxatshulwa yi-England ngama-run angu-137 kowandulela owamanqamu obudlalelwa eHagley Oval, eChristchurch, ngoLwesine ekuseni.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukuphosa kuqala, nobekukhombisa ngokusobala ukuthi bayakholelwa ekutheni abadlali ababhethayo bangakwazi ukumelana nengcindezi yokudlula ama-run azoshaywa i-England.
Izinto azihambanga ngokohlelo, i-England ihlanganise ama-run angu-293 kuma-over angu-50, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili. UDani Wyatt uthole ama-run angu-129 emabholeni angu-125.
Into ezokwenza abadlali bamaProteas baphuphe kabi nasebusuku ukuthi babe namathuba amahlanu okukhipha u-Wyatt ngaphambi kokuthi ashaye inqwaba yama-run, kodwa baliwisa ibhola.
Iqembu lakuleli bekumele lishaye ama-run angu-294 ukuze linqobe umdlalo kodwa lilahlekelwe abadlali abamqoka zibekwa nje, laphinde laqhubeka nokulahlekelwa amawikhethi.
Ekugcineni bakhishwe bonke besashaye ama-run angu-156 kuma-over angu-38.
“Kuzoba nzima ukwamukela lo mphumela, ikakhulukazi indlela esihlulwe ngayo. Sidumele kakhulu,” kusho uLuus.
"Ngicabanga ukuthi ngeke kushintshe ukuthi sidlale kahle kulo mqhudelwano, into esisazoyicabanga uma sibheka emuva. Akwenzekanga ngendlela ebesifisa ngayo kulo mdlalo kodwa sisaziqhenya ngesikwenzile.
"Sidlale kahle kakhulu ukuze sizifake kowandulela owamanqamu. Sidumele kokungadluleli kowamanqamu kodwa siyaziqhenya ngohlobo lwekhilikithi esiludlalile.
"Asizange sidlale umdlao osezingeni eliphezulu ngesikhathi kudingeka ukuthi sibhukule ngempela."
Idlanzana labadlali abaseqenjini lamaProteas laliseqenjini eladliwa yi-England kowandulela owamanqamu ngo-2017. Abadlali abafana noTrisha Chetty, Marizanne Kapp, Mignon Du Preez nabanye sebeneminyaka engaphezulu kuka-30.
Akukacaci noma basazoba yingxenye yeqembu elizodlala kwiNdebe yoMhlaba elandelayo ngo-2025 kanti uLuus uthe baphoxekile ngokuthi abakwazanga ukubasiza ukuthi badlulele phambili kulo mqhudelwano.
"Kugcwele indumalo egunjini lethu lokushintshela. Siyabuzwa ubuhlungu," kusho uLuus. “Kunabadlali okungenzeka ukuthi bebegcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba.
“Njengabadlali abancane kusiphula izinhliziyo ukuthi asikwazanga ukubafaka kowamanqamu nokubasiza ukuthi bathole le ndebe asebeyisebenzele iminyaka elinganiselwa kwengu-15.”
I-England isizobhekana ne-Australia kowamanqamu ozodlalelwa eChristchurch ngeSonto ekuseni.
I-Australia ayikashaywa kuze kube manje kulo mqhudelwano njengoba inqobe yonke imidlalo yamaqoqo ngaphambi kokuhlula i-West Indies ngamawikhethi angu-157 kowandulela owamanqamu ngoLwesithathu.