XOLILE MPISANE
UQOKWE njengenxusa le-Laureus Sport for Good Foundation odlalela amaBhokobhoko labesifazane, uBabalwa Latsha.
Le nhlangano isebenzisa ezemidlalo ukubhekana nezinkinga zomphakathi kanti kosaziwayo bakuleli asebeyingxenye kukhona umsubathi uWayde van Niekerk , umdlali wamaBhokobhoko uCheslin Kolbe, nomqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.
ULatsha waqopha umlando ngokuba umdlali wokuqala wesifazane wase-Afrika ukuthi ayodlala i-rugby ekhokhelwayo phesheya ngesikhathi esayiniswa iqembu laseSpain i-SD Eibar Femenino ngoJanuwari ngonyaka odlule.
"Uhambo lukaLatsha ephuma elokishini waze waba umdlali wombhoxo odume emhlabeni, luyajabulisa. Ubevele enza umsebenzi oncomekayo wokukhuphula umdlalo wombhoxo wabesifazane," kusho uMorne du Plessis, usihlalo we-Laureus Sport for Good Foundation SA.
"Umsebenzi awenzayo ugqugquzela abesifazane abamnyama ukuthi babe nesifiso sokungena embhoxweni. kuyintokozo kakhulu kithina ukusebenzisana naye."
Lo mdlali odabuka eKhayelitsha useke waba ngukaputeni wamaBhokobhoko wabuye wadlalela neqembu lakuleli lamaSevens.
"Iphupho lami ukubona izingane zamantombazane zivikelelike ukuze zikhululeke futhi zibe namandla okuba ngabaholi emiphakathini yazo," kusho uLatsha.
"Ngifisa ukuthi abafana namantombazane bazibone bengabantu abalinganayo ukuze sakhe umphakathi ongawabukeli phansi amantombazane kodwa okwaziyo ukubona ukubaluleka kwawo."
Amanxusa eLaureus Sport for Good asebenzisa ezemidlalo ukusondelana nemiphakathi ukuze kuliwe nezihlava ezikhungethe abantu abasha.
Kubalwa ukubhebhetheka kwegciwane lengculazi, ubugebengu, ukucwasana, ukungabibikho kwamathuba okufunda nawemisebenzi nokunye.