XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uncome abadlali abebesebhentshini ngokuletha umehluko ngesikhathi bedla amaBritish and Irish Lions ngoMgqibelo emdlalweni wesibili we-test.
Kuyiwe ekhefini izivakashi zihamba phambili ngo-9-6 eCape Town Stadium, kodwa izinguquko ezenziwe ngesiwombe sesibili zisize elakuleli ukuthi liwuphathe umdlalo, lagcina linqoba ngo-27-9.
Abadlali baphambili uLood de Jager, Trevor Nyakane noMalcolm Marx bangene nomfutho angabe esalibona elidlalayo amaBritish Lions.
Omunye ofike noshintsho uKwagga Smith, ongene ngesiwombe sokuqala emuva kokulimala kukaPieter-Steph du Toit.
"Ngesonto eledlule, asenzanga kahle ngesiwombe sesibili. Angazi senze kanjani kulo mdlalo wesibili kodwa sibuye ngamandla ngesiwombe sesibili," kusho uNienaber.
"Abadlali abaqhamuke ebhentshini benze umehluko ebesiwudinga. Ngicabanga ukuthi kusizile nokuthi besesizilolonge amasonto amabili siphelele. Iqembu liya ngokuya lihlangana.
"Ngesonto eledlule, amaLions akhahlela kangcono kunathi kodwa sibhukulile. Ngiyabancoma nabaholi esinabo eqenjini ngoba bakwazile ukubona amaphutha esawenza kowokuqala, sabe sesiwalungisa."
Njengoba la maqembu esebambene ngo-1-1 ochungechungeni lwemidlalo emithathu, iqembu elizonqoba owokugcina ngoMgqibelo yilona elizothatha indebe.
Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthe kufanele bazitshele ukuthi bayodlala kowamanqamu.
“Akukho okuningi esizokushintsha, sisazoqhubeka nokuzimisela. Kumele siqikelele ukuthi senza kangcono emabholeni aphoswayo siqinise kakhulu nakuma-scrum,“ kusho uKolisi.
"Sifuna ukukhahlela kangcono futhi umdlalo uphathwe yithina. Akuyona imfihlo ukuthi siyathanda ukulikhahlela ibhola ukuze sikhuphuke enkundleni bese siyahlasela.
"Sizobona ukuthi isonto lizohamba kanjani nabaqeqeshi bazosinika amasu amasha. Lo mdlalo wokugcina uzobe ungu wafa wafa, kufana nokuthi umdlalo wamanqamu, ngakho-ke kuzomele sizibeke kulowo mqondo."
Ngesikhathi amaBhokobhoko egcina ukudlala namaBritish Lions ngo-2009 alunqoba ngo-2-1 uchungechunge.