XOLILE MPISANE
LISAQHUBEKA nokungabambeki kwiNdebe yoMhlaba iqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane njengoba linqobe osokhaya iNew Zealand, ngamawikhethi amabili, ngoLwesine ekuseni.
AmaProteas angene kulo mdlalo esenqobe imidlalo emithathu yamaqoqo ilandelana, edla iBangladesh, Pakistan ne-England, aphinde azibonakalisa njengelinye lamaqembu okumele abhekwe kulo mqhudelwano.
Iqembu lasekhaya liwine ithosi lakhetha ukubhetha kuqala kanti beliza kahle ngaphambi kokuthi abashwibi bamaProteas balijikele, balikhipha lonke nge-over ka-48, selenze ama-run angu-228.
U-Ayabonga Khaka noShabnim Ismail, bathole amawikhethi amathathu umuntu ngamunye, uMarizanne Kapp wathatha amabili.
Iqembu lakuleli lisebenze kanzima lagcina liwahlanganisile ama-run angu-229 sekusele amabhola amathathu, selilahlekelwe ngamawikhethi ayisishiyagalombili.
ULaura Wolvaardt uyena ohambe phambili ngama-run angu-67, ukaputeni, uSune Luus wengeza angu-51, uKapp waqedela umsebenzi ngama-run angu-34. AmaProteas aseqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine yokuqala futhi abheke omunye umphumela omuhle emdlalweni olandelayo ukuze azibekisele indawo kowandulela owamanqamu.
Asalelwe yimidlalo emithathu esigabeni samaqoqo azoyidlala ngesonto elizayo. Azobhekana ne-Australia ngoLwesibili, iWest Indies ngoLwesine, bese evala ne-India ngeSonto.
Khonamanjalo: Iqembu labesilisa lamaProteas nalo lizobuyela enkundleni ngoLwesihlanu ntambama, ukuzoqala uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa neBangladesh.
Umdlalo wokuqala kwemithathu uzoqala ngo-1 ntambama, eSuperSport Park, eCenturion.
Umshwibi wamaProteas, uLungi Ngidi, uthe bahlose ukwenza kahle kulo mdlalo wokuvula ukuze bangabi ngaphansi kwengcindezi kwelandelayo.
“Izingxoxo esiba nazo njengeqembu zimayelana nokuthi kumele siqine yonke indawo ukuze siphumelele. Kumele sishwibe kahle, sibhethe ngokucophelela siphinde sinqake kahle,” kusho uNgidi.
"Siyazi ukuthi simi kuphi njengeqembu le-ODI futhi sigxile kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo e-India. Sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi sidlala ikhilikithi efanele kulolu chungechunge futhi silungise zonke izinto ezibalulekile uma sesibhekene ne-Bangladesh."
I-Bangladesh izoba nolwazi lokuthi kumele idlale kanjani ezinkundleni zakuleli njengoba inabaqeqeshi abadabuka kuleli.
Owayengumqeqeshi wamaProteas, uRussell Domingo, uyena ohola leli qembu, asizwe yizinkakha zamaProteas, u-Allan Donald no-Albie Morkel.