XOLILE MPISANE
LIQOPHE umlando kwiNdebe yoMhlaba iqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane ngesikhathi lidla i-England okokuqala emidlalweni yosuku olulodwa ngoMsombuluko ekuseni.
AmaProteas aguqise i-England, evikela isicoco, ngamawikhethi amathathu emdlalweni obudlalelwa eBay Oval eTauranga, eNew Zealand.
Bekungokwesithathu iqembu lakuleli linqoba kweyamaqoqo kulo mqhudelwano njengoba beselivele lithele phansi iBangladesh nePakistan.
Ukaputeni uSune Luus uwine ithosi wakhetha ukuthi elakuleli lishwibe kuqala. I-England ishaye ama-run angu-235 yalahlekelwa amawikhethi ayisishiyagalolunye kuma-over ayo angu-50.
UMarizanne Kapp uthathe amawikhethi amahlanu, amabili ahamba noMasabata Klaas, eyodwa yathathwa ngu-Ayabonga Khaka.
AmaProteas abhethe kahle athola ama-run angu-236 sekusele amabhola amane, eselahlekelwe amawikhethi ayisikhombisa. ULaura Wolvaardt ushaye ama-run angu-77, uLuus wafaka angu-36 kwathi uKapp wengeza angu-32.
UKapp ube eseqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngenxa yokushaya into ecokeme ngesikhathi eshwiba nangesikhathi esebhetha.
“Uma ngikhuluma iqiniso ngicasukile ngesikhathi ngiphuma ngoba bengibona ukuthi kufanele ngabe ngiwuqedile lo mdlalo. Ngiphinde ngafaka ingcindezi enkulu kulabo abebebhetha ngemuva kwami,” kusho uKapp.
“Iqembu lethu linabadlali asebedlale kulo iminyaka eyishumi futhi le Ndebe yoMhlaba yiyona ebesiyisebenzela kakhulu.
“Sadumala ngendlela izinto ezahamba ngayo kwiNdebe yoMhlaba edlule, ikakhulukazi indlela esadlala ngayo ne-England. Besazi ukuthi singenza okungcono kulokhu, ikakhulukazi ngemuva kokubadla kwiNdebe yoMhlaba yeT20."
Ukuwina imidlalo emithathu nokuqoqa amaphuzu ayisithupha kwenyuse amathuba amaProteas okudlulela kweyandulela amanqamu kodwa isimo simanzonzo kwi-England engase ingadluli kuleli qoqo.
Iqembu lakuleli selizobhekana nosokhaya iNew Zealand e-Seddon Park, e-Hamilton, ngoLwesine ngo-3 ekuseni ngokwesikhathi sakuleli.
AmaProteas adlale imidlalo emithathu yosuku olulodwa neNew Zealand ngo-2020 futhi ayinqoba yonke.
Osokhaya basathole imiphumela ehlukene kulo mqhudelwano, sebenqobe imidlalo emibili, behlula iBangladesh ne-India, badliwa yiWest Indies ne-Australia