XOLILE MPISANE
ABADLALI bakuleli abayingxenye ye-Indian Premier League bafakiwe eqenjini lamaProteas elizobhekana ne-India emidlalweni emihlanu yeT20 ngenyanga ezayo.
Leli qembu, eliholwa nguTemba Bavuma, lizohlangana okokuqala selokhu ladlala eNdebeni yoMhlaba ngasekupheleni kuka-2021.
UKagiso Rabada, Lungi Ngidi, Quinton de Kock, Aiden Markram, David Miller, Dwaine Pretorius, Rassie van der Dussen noMarco Jansen, abadlalela amaqembu ahlukene kwi-IPL, bazohlanganyela nabadlali abafana noKeshav Maharaj noTabraiz Shamsi.
Kulo nyaka imidlalo ye-IPL iqale ngoMashi kanti owamanqamu uzodlalwa ngoMeyi 29.
“Sekunesikhathi sagcina ukubona amaProteas ehlangene ngalolu hlobo,” kusho inhloko yabaqoki beCricket South Africa (CSA), uVictor Mpitsang.
“Ukubuya kwabadlali be-IPL kusho ukuthi sizoba neqembu elikulungele ukudlala ezingeni eliphezulu ngokushesha futhi elizazi kahle izimo esizobe sidlala ngaphansi kwazo."
U-Anrich Nortje, owagcina ukudlala ngo-2021 ngenxa yokulimala, usekulungele ukubuyela enkundleni ehambisana nababhethayo, uReeza Hendricks, Heinrich Klaasen noWayne Parnell owagcina ukuba seqenjini lesizwe lemidlalo yeT20 ngo-2017.
UTristan Stubbs (21) uzoba yingxenye yamaProteas okokuqala ngemuva kokwenza kahle kule sizini edlule edlalela iGbets Warriors kwiCSA T20 Challenge. Uqede lo mqhudelwano eseshaye ama-run angu-293 emidlalweni eyisikhombisa.
“UTristan Stubbs ungumdlali othembisayo kakhulu futhi silangazelela ukubona ukuthi yini angayenza eqenjini lesizwe," kuqhuba uMpitsang.
"Kuyasijabulisa kakhulu nokubuya kuka-Anrich Nortje obesebenza kanzima ukuze alulame ekulimaleni obesekumphazamise isikhathi eside.
“Sifisela uTemba Bavuma noMark Boucher okuhle kodwa kule midlalo ezoba nesasasa elikhulu."
AmaProteas asendaweni yesine uma kukleliswa amazwe ngokwemidlalo yeT20. Kuqhwakele i-India bese ilandelwa yi-England nePakistan.
Iqembu lamaProteas elizobhekana ne-India: Temba Bavuma, Quinton de Kock, Reeza Hendricks, Keshav Maharaj, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Wayne Parnell, Dwaine Pretorius, Kagiso Rabada, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs, Rassie van der Dussen, Marco Jansen