KUGIYE isifunda iTheku emqhudelwaneni wesibhakela wabasakhula, iKZN Boxing Youth Championship, obekuhlungwa kuwona abashayisibhakela abazomela isifundazwe iKwaZulu-Natal, kokazwelonke ngoJuni.
Lo mqhudelwano obukade uhlelwe yiKZN Olympic Style Boxing Organisation, kade ubanjelwe ehholo eChesterville Ext. 3, ngoMgqibelo.
Abashayisibhakela abazongena eqenjini leKZN bazohlanganiswa nasebekhulile, ama-Elite, abasazohlungwa ngaphambi kokubhekana nezinye izifundazwe kuma-Sanabo National Youth and Elite Championships endaweni esazomenyezelwa.
ITheku lidle umhlanganiso, lalandelwa wuMzinyathi obalwa nezifunda eziphezulu ngesibhakela eKZN. Endaweni yesithathu kube wuMgungundlovu.
Umengameli weKZN Olympic Style Boxing Organisation, uSandile Sibisi, utuse iTheku ngokuhlela kahle lo mqhudelwano kodwa wathi akaneme ngokuphelele ngakubone eringini.
"Sincoma ukuhleleka kwenhlangano yethu eThekwini. Isilungisele kahle njengesifunda ebesisisingethe. Sithole uxhaso kuMasipala weTheku, eMnyangweni wezeMidlalo nakwiSports Confederation. Angigculisekanga ngezinga lokudlala kwabashayisibhakela kodwa ngiyabona isizathu, kade bagcina. Selokhu bagcina ngoMashi nyakenye, esigabeni sama-Youth.
“Cishe kodwa izinga lizoba ngcono uma sesiphinda ngo-Ephreli ngaphambi nokuya kokazwelonke. Lokhu kuzokwenzeka uma siphinde sathola ukwesekwa. Bakhona obabonayo ukuthi basezingeni kodwa uthola ukuthi alilingani. Imbangi inamandla amakhulu, omunye wehlile. Ngokwezifunda kuyabonakala ukuthi ukusebenza akufani," kusho uSibisi.
Kokazwelonke, iKZN izophinde ibhekane nomqansa ezimbangini zayo ezinkulu i-Eastern Cape, ehamba phambili ngesibhakela eMzansi, ikakhulukazi esigabeni esikhokhelayo.
"I-Eastern Cape ngeke ikwazi ukukhonya okwamanje. Isizoyithola inselelo enkulu. Empeleni siyayihlula kuma-Youth. Uma siphumelele ukuthola ikhempu yamasonto amabili ngaphambi kokuthi sihambe, noma kanjani sizophumelela. Ngeke sixakwe yi-Eastern Cape,“ kusho uSibisi.