UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, u-Amanda Bani-Mapena, uthe bazokwenza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi zinhlelo abaziqalayo bewumnyango ziyalandelwa kungagcini kuphela ngokwethulwa kwazo.
UBani-Mapena ukusho lokhu ngenkathi kusayinwa isivumelwano sezemidlalo yezikole phakathi koMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo eyisiSekeko, obuseMona Sports Ground, KwaNongoma izolo.
"UMnyango engiphathiswe wona wezeMidlalo namaSiko, ungene esivumelwaneni phakathi kwawo noMnyango wezeMfundo esifundazweni, ukuthi sivuselele futhi sithuthukise uhlelo lwezemidlalo ezikoleni.
“Lokhu kubambisana kokuletha uhlelo lwezemidlalo oluphambili esikwenza noMnyango wezeMfundo, sikwenza sibambisene neKwaZulu-Natal Sports Confederation nezinye izinhlaka.
“Uhlaka nohlaka kanjalo neminyango yomibili yabe isichaza ukuthi yilowo nalowo kube khona iqhaza olubambayo," kusho uBani-Mapena.
"Esizimisele ngokuthi kwenzeke wukuthi izinhlelo ezinjengalolu esiluqalayo, senze okusemandleni ukuthi siyalandelela ukuthi ziqhubeka ngendlela efanele. Kungagcini nje ngokuthi zethulwe, kugcine lapho."
UThami Mchunu, ongumengameli weKZN Sports Confederation uthe: "Ingcabha seyisele ngathi njengamanje singama-federation ukwenza isiqiniseko sokuthi uhlelo olunjengalolu luhamba ngendlela.
“Uma luhlulekile lolu hlelo, kobe kungahlulekanga uhulumeni. Kuyobe kuhluleke thina ma-federation," kusho uMchunu.
Ephawula ngezikole ezingakafuni ukudlalisa ezemidlalo, uMchunu uthe: "Izikole ezidlalayo zenza kahle nasezifundweni, ngakho siyayihlaba siyayihlikiza eyalabo thishanhloko abasaqinisa ikhanda.
“Mina nginguthishanhloko wesikole esinabafundi abangu-330, okudlalwayo kusona. Kodwa esenza kahle esingatholi imiphumela engaphansi kuka-90%."
Omunye wothisha baKwaNongoma, uNhlakanipho Hlabisa, uthi bona bengothisha ababambe iqhaza kwezemidlalo ezikoleni, bayawuthokozela umshado woMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo kodwa bafisa ukubona kakhulu kuthuthukiswa ingqalasizinda ezikoleni.
"Esikufisa kakhulu thina singothisha basemakhaya, wukubona kuthuthukiswa ingqalasizinda ezikoleni zethu zasemakhaya. Singathembeli ezikoleni zasemadolobheni uma kunemiqhudelwano," kusho uHlabisa, ofundisa KwaNongoma Intermediate School.