XOLILE MPISANE
BASALE bebambe ongezansi abalandeli bezokugijima baseNingizimu Afrika emva kokuthi isethenjwa sakuleli uWayde van Niekerk engalibonanga elidlalayo emjahweni owandulela owamanqamu ebangeni lika-400m kumaTokyo Olympics namuhla emini.
UVan Niekerk uqhume phambili njengenhlamvu ekuqaleni kwalo mjaho kodwa waphenduka umlilo wamaphepha wagcina eqede endaweni yesihlanu eqa ulayini ngo-45.14.
USteven Gardiner waseBahamas uyena ophume phambili ngo- 44.14, walandelwa uMichael Norman wase-USA ongene ngo-44.52.
U-Isaac Makwala waseBotswana uqede endaweni yesithathu kodwa uyena osezomela izwekazi lase-Afrika kowamanqamu ngoLwesine ntambama ngo-2 emva kokushaya isikhathi esingu-44.59.
UVan Niekerk owanqoba kuleli banga ngo-2016 eRio De Janeiro, eBrazil, uyena obese kubekwe kuyena amathemba endondo kwezokugijima emabangeni amafushane ngemuva kokuthi u-AKani Simbine ekhale ngaphansi kowamanqamu ka-100m ngeSonto. USimbine uqede endaweni yesine.