SITHEMBISO MKHIZE
UMLENZE wesibili wochungechunge lwezokugijima, i-ASA Grand Prix, uzohlotshiswa yisilomo somgijimi wakuleli, uCaster Semenya, ozobe ebonakala okokuqala emijahweni kulo nyaka.
Imidlalo izokuba kusasa eGreenpoint Stadium, eKapa.
Lo mqhudelwano uzosakazwa bukhoma kwiSupersport 209 ngo-6 ntambama kuya ku-8 ebusuku.
Le nyamazane, eyanqobela iNingizimu Afrika indondo yegolide ebangeni lika-800m kuma-Olympic ngo-2012 nango-2016, eGreenpoint Stadium, izogijima ibanga lika-3000m.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2019 iWorld Athletics yashaya umthetho wokuthi abasubathi besifazane, imizimba yabo ekhiqiniza i-testosterone ephezulu njengoSemenya, kabasavumelekile ukugijima ibanga lika-400m, 800m nelika-1500m.
Uma befuna ukugijima la mabanga, kuzomele badle imishanguzo ezokwehlisa izinga le-testosterone emizimbeni yabo.
UJames Moloi, umengameli we-Athletics South Africa (ASA), utshele Isolezwe ukuthi uSemenya ubazise ukuthi uzimisele ngokumela elakuleli kumaWorld Championship ku-3000m.
Uzosebenzisa lolu chungechunge lwale mijaho ukuhlungela amaWorld Champ azoba e-Oregon, e-USA, ngoJulayi 15-24. Umlenze wokuqala we-ASA Athletics Grand Prix bewuseMangaung, eBloemfontein, ngesonto eledlule.
USemenya, obuye abe nezindondo ezintathu zegolide zamaWorld Champ ku-800m naku-3000m, uzoqhudelana nabagijimi bakuleli asebezakhele igama kuleli banga, uKesa Molotsane noGlenrose Xaba.
Kuwona lo mlenze ebangeni lika-1500m kubhekwe uPrudence Sekgodiso oyingqwele yakuleli ku-800m.
Kwabesilisa ebangeni elifanayo, kubhekwe uRyan Mphahlele noTshepo Tshite ongumpetha webanga lika-800m kuzwelonke.
Ku-400m kubhekwe uZeney van der Walt. Emlenzeni waseMangaung kunqobe yena lo msubathi.
Ku-200m kuzoba ongaphansi nongaphezulu phakathi kukaSibusiso Matsenjwa waseSwatini, Steven Muller noBenjamin Richardson. Ku-100m eMangaung kukhonye uMatsenjwa.
Abanye okulindelwe badonse amehlo eGreenpoint Stadium yingqwele ka-110m hurdles, u-Antonio Alkana, Victor Hogan we-discus throw noRocco van Rooyen we-javelin. U-R100 ithikithi lokungena eGreenpoint Stadium.