XOLILE MPISANE
AQUBEKILE nokuncipha amathuba eNingizimu Afrika okuthola indondo emkhakheni wokugijima kuma-Tokyo Olympics njengoba engekho noyedwa okwazile ukudlulela phambili ngoLwesibili ntambama.
Bekunethemba lokuthi ukhona ozomela elakuleli kowamanqamu ebangeni lika-200m emva kokuthi bonke abebengenelile, u-Anaso Jobodwana, Shaun Maswanganyi noClarence Munyai bekwazile ukudlula emzuliswaneni wokuqala ekuseni.
Akuhambanga kahle emijahweni eyandulela owamanqamu ntambama, uJobodwana ulale endaweni yesishiyagalombili kowokuqala ngo-20.88, kwaphela ngaye.
Kolandelayo, uMunyai uqede endaweni yesithupha enza u-20.49, naye wahluleka ukudlulela phambili.
UMaswanganyi wenze kangconywana elala endaweni yesine kowokugcina ngo-20.18 kodwa naleso sikhathi asikwazanga ukumfaka kowamanqamu.
"Bekunzima kakhulu, akukho okuningi engingakusho. Ngijabulela ukuthi ngikwazile ukufinyelela la, ngigijime kuleli zinga. Uma uqhudelana nabasubathi abasezingeni eliphezulu ufunda okuningi," kusho uJobodwana.
"Kuningi engikuzuzile ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano Akukho engicasha ngakho, lomjaho uzongisiza ukuthi ngibe umgijimi ongcono. Isiphelile isizini, ngizobuyela emuva ngiyobheka ukuthi ikuphi okungahambanga kahle, ngilungise amaphutha."
U-Antonio Alkana ukhale ngaphansi emjahweni we-110m hurdles eqeda endaweni yesithupha emzuliswaneni wokuqala ngo-13.55.
Emjahweni webanga lika-5000m, uLesiba Mashele ube ngumgijimi wesi-15 ukweqa umugqa ngo-13.48.25, naye wangakwazi ukungena kowamanqamu.
"Akuhambanga ngendlela ebesihlele ngayo nomqeqeshi kodwa konke ngikuthatha njengesifundo," kusho uMashele.
"Ngonyaka ozayo kunama-World Championships e-United States, ngiyethemba ngizokwenza kangcono."
Nasebaleni kubhedile ku-Jo-Ane van Dyk ongumshwibi we-javelin. Ibanga elide kunawo wonke awashayile kube ngu-57.69m, wangabalwa nabangu-12 abadlulele kowamanqamu.
Kwabadlala i-shot put - uKyle Blignaut ukwazile ukungena kowamanqamu ephonsa u-20.97m waqeda endaweni yesishiyagalombili kwabawu-12 abadlulele phambili. Uzakwabo uJason van Rooyen uqede endaweni ka-19 (20.29m), kwaphela ngaye. INingizimu Afrika isanezindondo ezintathu kule midlalo. Ezimbili, igolide nesiliva ezitholwe uTatjana Schoenmaker kwezokubhukuda nesiliva le-surfing likaBianca Buitendag.