SITHEMBISO MKHIZE
BAQHUBEKILE nokwenza kahle izolo emaqenjini abo amasha abagijimi, okunguJenet Mbhele noNkosikhona Mhlakwana.
Banqobe iBest of the Best Marathon izolo ebangeni lika-42km, ebisuka iphinde iphelele iKings Park Athletics Stadium, eThekwini.
UMbhele weXcel Running Club, ushaye intambo yabesifazane ngesikhathi esiwu-2:40:59. Isibili kube nguJenna Challenor (2:51:41), isithathu kwaba nguLieketseng Molefe (3: 17:16).
Kwabesilisa kunqobe uMhlakwana weHollywoodbets AC (2:16:37). Endaweni yesibili kungene uMtlola Nkhabulane (2:18:45), kweyesithathu kwaba nguNsindiso Mphakathi ( 2:18:45).
Akukapheli isikhathi esingakanani uMbhele noMhlakwana bethulwe ngokusemthethweni ngamaqembu abo amasha.
UMbhele ushiye Umzimkhulu Striders AC, kwathi uMhlakwana ongumpetha wePrince Mangosuthu Marathon, wagqashula ifindo neMaxed Elite. IBest of the Best, bekuwumdlalo wesithathu uMbhele egijima ngaphansi kweXcel.
UMbhele utshele Isolezwe ukuthi ujabule ngendlela eyisimanga ngokunqoba iBest of the Best Marathon.
"Bekunzima kodwa ngakwazi ukunqoba. Kuyangijabulisa ukuthi ngiyaqhubeka nokuqhakambisa ifulegi lekilabhu yami. Ngizoqhubeka nokuzimisela," kubeka uMbhele, ngamafuphi.
UMandla Mngomezulu oyimenenja yeXcel, uthe umjaho olandelayo kaMbhele yiTotal Sport Two Oceans Marathon, ezoba ngo-Ephreli 16-17, eCape Town. Uzogijima ibanga lika-21km. Uma ebuya uzogijima kumaSA Marathon Championship, azoba ngaphansi kweDurban International Marathon.
UMhlakwana naye uveze ukuthi umjaho olandelayo ngoweTwo Oceans.
"Umjaho wami olandelayo yiTwo Oceans Marathon. Kuyangijabulisa ukuthi ngizoya kuyona ngemva kokunqoba imijaho emibili kulandelana. Ngithokoziswa nawukuthi nginqobe imijaho ngaphansi kweHollywoodbets," kubeka uMhlakwana, osanda kunqoba nePDAC 25km.
Le nyamazane iveze nokuthi uma ibuya eCape Town, inikela kwiComrades Marathon. UMhlakwana oqeqeshwa nguProdigal Khumalo, naye osekwiHollywoodbets, wamangaza abaningi ngo-2019, elala indawo yesi-11 kwiComrades, ukubeni wayeqala ukuyigijima. Uthe kulokhu uzimisele ngokungena kwi-Top 10.
Umjaho ka-21km wabesifazane unqotshwe nguNontokozo Mkhize (1:17:41), isibili kwaba nguBlandina Makatsi (1:19:51), isithathu nguMathakane Letsie (1:21:24).
Kwabesilisa, intambo ishaywe nguTebelo Ramakongoana (1:03:48), isibili kwaba ngu-Anele Dlamini (1:06:05), isithathu sahamba noSiphamandla Nkosi (1:06:15).
Ebangeni lika-10km kwabesifazane, kunqobe uTyla Kavanagh (32:51), indawo yesibili ithathwe nguZinhle Shabalala (36:07), isithathu kwaba nguBathobile Mkhize (36:33).
Kwabesilisa kukhonye uSibusiso Kubheka (25:59), isibili sahamba noPakiso Mthembu (29:02), isithathu sathathwa nguBathobile Mkhize (36:33). Umjaho weBest of the Best, usetshenziselwe ukuhlungela iTwo Oceans Marathon neComrades.