KUKHONYE abasubathi bomqeqeshi, uXolani Mabhida, kwiHarry Gwala District Marathon ebiyizolo, isuka eXopo iphelele eMzimkhulu College.
Emjahweni omkhulu kwabesilisa kukhonye u-Ayanda Ngcobo weBlack Diamond AC ophule irekhodi ngesikhathi esiwu-2:18.09. Ukhale wemuka nesamba sika-R50 000.
Isibili sithathwe uNdumiso Sokhela weXcel (2:20.04). USokhela nguyena obevikela isicoco njengoba anqoba (2:19.52).
Kuzokhumbuleka ukuthi ugcina ukugijinywa lo mjaho ngo-2020, wanqotshwa nguye uSokhela ngesikhathi esiwu-02:19.52.
Bobabili uNgcobo noSokhela bacijwa uMabhida.
Isithathu sithathwe uTonny Skink (2:22.55).
Kwabesifazane intambo ishaywe nguJennifer Koech waseKenya (2:58.25). Isibili kube uMakhosi Mhlongo (3:03.05,) kwathi isithathu sathathwa uLisa Collet (3:03.30).
Okumangaze kakhulu ngokunqoba kukaNgcobo ukuthi izolo ubegijima umjaho wakhe wokuqala ebangeni lika-42km.
Lo msubathi, odabuka ePomeroy, eMsinga, waziwa kakhulu kwi-track, 10km nakwi-21km. Amabanga amade uwaqale ekuqaleni kwalo nyaka egijima iNedbank Runified Breaking Barriers 50km.
"Empeleni kuye njengezifiso zami. Bengihlale ngizitshela ukuthi ngizoyinqoba i-marathon yami yokuqala. Ngibonga kakhulu nakumqeqeshi wami, uXolani Mabhida. Emzileni kuke kwafika ukungazithembi kodwa kwabuya amazwi omqeqeshi wami obehlale engitshela ukuthi nginawo amathuba okuyinqoba iHarry Gwala. Umqeqeshi wethu ukhulume kakhulu nathi ngalo mjaho. Ngibonga kakhulu nakozakwethu esijima nabo, abangilekelele kakhulu nasemzileni. Ngabe ngenza iphutha uma ngingambongi noNdumiso Sokhela. Nguyena obewungqondongqondo walo mjaho. Umyalelo womqeqeshi bekuwukuthi abulale wonke amaqhinga ezitha," kubeka uNgcobo.
Mayelana nemali aklonyeliswe ngayo, uthe uzolekelela ngayo umndeni wakhe eMsinga. UNgcobo uthe umjaho olandelayo aya kuwo iPrince Mangosuthu Buthelezi Ultra Marathon ezoba ngoJuni 5.
UKoech ukhale ngobunzima bomzila.
"Nakuba bekunzima kodwa ngijabule kakhulu ngokuthi ngisenzile isikhathi esingifaka kwiComrades Marathon. Kulo nyaka ngizoyigijima okokuqala. Le mali engiyitholile izongisiza kakhulu ekuthengeni ukudla nasekuziqeqesheni," kusho uKoech.
Ebangeni lika-21km kwabesilisa, kunqobe uJobo Khatoane (1:02.12), kwabesifazane intambo yashaywa uMolulubele Makatsi (1:12.09).
Kwelika-10km, kwabesilisa kukhonye uSiyabonga Ndlovu (28.06), kwabesifazane kwanqoba uBathobile Mkhize (34.54). Nangesonto eledlule uMkhize unqobe ibanga elifanayo kwiDurban International Marathon.
Khonamanjalo, kwi-Absa RYC Cape Town 10km, ebiyizolo, kwabesilisa intambo ishaywe nguDaniel Ebenyo waseKenya (27.34), kwabesifazane kwanqoba uStella Chesang wase-Uganda (30:40).