XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ufakiwe eqenjini leCell C Sharks elizoqala umdlalo ngoMgqibelo, uma sebebhekene ne-Emirates Lions kwi-United Rugby Championship (URC).
Umdlalo uzoqala ngo-4.05 ntambama eHollywoodbets Kings Park.
Umqeqeshi wamaSharks, uSean Everitt, wenze ushintsho ezindaweni ezintathu eqenjini elidlale neDragons ngempelasonto edlule, kanti zonke zibe kubadlali abaphambili.
UKolisi uzovala isikhala sikaJames Venter, uReniel Hugo uzongena endaweni kaLe Roux Roets, uHenco Venter aqale endaweni kaJeandre Labuschagne. UThomas du Toit, obengukaputeni bedlala neDragons, uzoqhubeka nokuhola iqembu ngempelasonto.
I-DHL Stormers yilona qembu laseNingizimu Afrika, elihamba phambili kulo mqhudelwano ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-14, iVodacom Bulls inangu-42, iSharks angu-41 kanti iLions inamaphuzu angu-30.
U-Everitt ukholelwa ekutheni umdlalo wangoMgqibelo ubalulekile ngoba iStormers izobhekana neBulls eKapa, ngosuku olufanayo.
“Ukunqoba iDragons ngesonto eledlule kuyisisekelo esingakhela phezu kwaso njengoba sifuna ukuqhubeka ngomfutho,” kusho u-Everitt.
“I-log ibalulekile impela njengamanje futhi ukunqoba kuleli sonto kungashintsha izinto ngoba amanye amaqembu akuleli ezobe ebhekene. Sizimisele ngokulwela isicoco se-SA Shield.”
Khonamanjalo, iqembu lesibili leSharks libuyele endleleni eqondile ngoLwesithathu ebusuku koweCarling Currie Cup, ngokushaya iGriquas ngo 13-6 eKimberley .
Lona bekuwumphumela obudingeka kakhulu eqenjini eliqeqeshwa ngu-Etienne Fynn ngoba bese lihlulwe imidlalo emibili ilandelana, lapho belibhekene nezimbangi zalo iBulls namaCheetahs.
Kweminye imidlalo yangoLwesithathu kwiCurrie Cup, iBulls ibuyele esicongweni ngemuva kokuguqisa iWestern Province ngo 45-34 eLoftus Versfeld, iPumas yazibeka ethubeni lokudlulela kweyandulela owamanqamu ngokudla iLions ngo 45-10.