XOLILE MPISANE
KUCACILE ukuthi ubedlala enkundleni ayijwayele umshwibi wamaProteas, uKeshav Maharaj, esiza iqembu lakuleli lesizwe linqoba iBangladesh ngama-run angu-220, eKingsmead Stadium.
Ngaphambi kwalo mdlalo osongwe ngoMsombuluko, ukaputeni wamaProteas, uDean Elgar, akakufihlanga ukuthi le nkundla kungenzeka ivune izivakashi njengoba ibhola lingahambi ngesivinini njengezinkundla ezitholakala enhla nezwe njengaseGauteng.
Kodwa abashwibi bakuleli be-spin, uMaharaj noSimon Harmer, bazibonakalisile ngesikhathi beqeda ngeBangladesh kwi-innings yayo yesibili.
IBangladesh iwine ithosi ngaphambi kokuqala komdlalo ngoLwesine, yakhetha ukushwiba kuqala. Iqembu lakuleli likhishwe lonke selihlanganise ama-run angu-367.
U-Elgar ube yisibonelo esihle ngokushaya ama-run angu-67, waphinde waxhaswa yiphini lakhe, uTemba Bavuma, oshaye angu-93.
Zizamile izivakashi kwi-innings yokuqala njengoba zikhishwe seziqokelele ama-run angu-298. Kwi-innings yesibili iqembu lakuleli lihlanganise ama-run angu-204, labekela iBangladesh inselelo yokushaya angu-274, ukuze inqobe umdlalo.
Yilapho uMaharaj, ojwayele ukugijima kule nkundla neqembu lakhe iDolphins, ethathe khona amawikhethi ayisikhombisa, uHarmer wathatha amathathu, kwaphela ngeBangladesh isashaye ama-run angu-53 kuphela.
"Ngifikelwe wumunyu ngoba ngiyakuthanda ukudlala eKingsmead, yikhaya lami. Ukudlala ngalolu hlobo, ngisize iqembu phambi komndeni wami, kubaluleke kakhulu kimina," kusho uMaharaj oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
“Ngizwile kukhulunywa ngokuthi irekhodi lethu alilihle eKingsmead futhi kuyangijabulisa ukuthi ngishintshe imiqondo yabanye abadlali, bakuthokozele ukudlala kule nkundla.
"Kumnandi ukudlala nesinye i-spinner futhi yinto engiyijwayele uma ngidlala kule nkundla. Ngikuthokozele kakhulu ukubambisana noSimon. Ube nomdlalo omuhle futhi kuyangijabulisa ukuthi ubuyele eqenjini lesizwe esengumdlali osezingeni eliphezulu kangaka."
UHarmer ubedlala okokuqala kuma-Proteas kusukela ngo-2015. Wasayina inkontileka neqembu lase-England, i-Essex, ngo-2017, eyayimvimba ukuthi adlalele iqembu lesizwe.
Leyo nkontileka nezinye ezifana nayo, zihoxisiwe ekupheleni konyaka odlule.
Umdlalo wesibili we-test phakathi kwamaProteas neBangladesh, nozobe ungowokugcina kulolu chungechunge, uzodlalelwa e-St. George's Oval, eGqeberha, kusukela ngoLwesihlanu.