SITHEMBISO MKHIZE
USANDILE Sibisi ongumengameli weKZN Olympic Style Boxing Organisation, uthi ulindele izinga eliphezulu emqhudelwaneni, iKZN Youth Boxing Championships oqala ngoMgqibelo usongwe ngeSonto, eThekwini.
"Ngemuva kwalo mqhudelwano, sizokhetha iqembu lesifundazwe elizosimela kokazwelonke okulindeleke ukuthi ube ngoJulayi, endaweni esazomenyezelwa. Ngithemba ukuthi amabhokisa ethu azozimisela njengoba ehlale enza," kubeka uSibisi.
Lesi sikhulu siveze nokuthi umqhudelwano wamaKZN Elite Boxing Championshiops uzoba ngoMeyi, eNewcastle. Iqembu elizokhethwa lapha lizohamba ndawonye nelamaYouth ukuya kokazwelonke ngoJulayi.
Kuzokhumbuleka ukuthi vele inhlangano eyengamele isibhakela sama-amesha kuleli, iSanabo, seyinaso isikwati okuvivelwa ngaso amaCommonwealth Games.Sikhethwe kuma-trial abesemasontweni edlule, eDundee. Amabhokisa akulesi sikwati azoqhudelana naphuma ezifundazweni emqhudelwaneni kazwelonke wama-Elite Championships, ongoJulayi.
Kuzomele azibambe ziqine ngoba uma eke avumela ukushaywa ngaphuma ezifundazweni azokhishwa esikwatini, kufakwe anqobile.
USibisi aphinde wazwakalisa ukujabula ngesibhakela esinenkosi phakathi esitshengiswe ngamabhokisa emqhudelwaneni wabesifazane obuhlelwe yinhlangano yakhe emasontweni amabili edlule, ePeace Initiative Hall, eXopo, ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala.
Ngalo mqhudelwano obuxhaswe wuMnyango wezeMidlalo noMasipala wesiFunda iHarry Gwala, bekuhlolwa amabhokisa aphuma emakilabhini nasezingeni lezifunda ukuthi asekulungele kangakanani ukulwa kwelesifundazwe?
Umhlanganiso udliwe wuMkhanyakude, isibili kwaba Umzinyathi, isithathu sathathwa iKing Cetshwayo. Kumabhokisa abelwa ezingeni lezikole, eliwashaye wonke emakhanda, uNomthandazo Khumalo waseThekwini. Kumajuniya, uSamkelisiwe Ncube waseMkhanyakude noNothando Ncube waseKing Cetshwayo okhonye kuma-Elite.
Ngemuva kwalo mqhudelwano, kukhethwe nekomiti labesifazane ngaphansi kwenhlangano kaSibisi. UBuyisiwe Buthelezi waseMzinyathi ukhethwe ngo-elethu kwesikasihlalo. Isikela lakhe wuNolubabalo Ndzoyiya waseHarry Gwala. UNelisiwe Luthuli waseThekwini unikwe esikanobhala.
"Ngihlabeke umxhwele ngendlela amantombazane ethu alwe ngayo. Lokhu kufakazela ukuba nekhono esifundazweni sethu. Lokhu kusinika ithemba lokuthi sizokwanda isibalo samabhokisa ethu angena eqenjini likazwelonke," kusho uSibisi.
Khonamanjalo: Ihambe kahle ikhempu yamabhokisa esifazane, asesikwatini seSanabo ebingeledlule e-East London, e-Eastern Cape. Beyiholwa wuNtokozo Ndaba ongumqeqeshi weqembu lesizwe ngokubambisana noNathi Hlatshwayo.