KUBANJWE umoya ngomshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uLudumo "9mm" Lamati, olaliswe esibhedlela phesheya kwezilwandle kulandela ukuquleka eringini ngoMgqibelo ebusuku.
ULamati (31) waseMdantsane, e-Eastern Cape, uphume esethwelwe ngohlaka, waxhunywa amapayipi okuphefumula emuva kwempi yakhe nompetha webhande le-WBC Silver Featherweight uNick Ball waseLiverpool e-England.
Impi ibiseThe SSE Arena, eBelfast, eNorthen Ireland. Ibikwebezibhulela amazolo eyosuku yebhande le-IBF Featherweight phakathi kukaMichael Conlan no-Alberto Lopez. Impi kaLamati noBall iphele maphakathi nomzuliswano ka-12 emuva kokuthi ikhona lakhe liphose ithawula lizama ukumvikela kodalimede bezibhakela.
Nokho ufike ekhoneni lakhe waquleka, wagcina ephuthunyiswa esibhedlela eBelfast. Ngokusho kweBoxing 5 Promotions ebihlele izimpi, uLamati uqashwe ngeso lokhozi ngodokotela abasezingeni eliphezulu.
"ULudumo usaqashiwe futhi unakekelwa ngodokotela abasezingeni eliphezulu eBelfast. Izimpawu ezikhombisa ukusebenza komzimba wakhe zikhombisa uzinzo. Sinethemba lokuthi bazoyeka ukumnika okuzomenza alale kusukela kusasa. Lena yinto ethatha isikhathi ukuphola. Sicela niqhubeke nokumthumelela imicabango emihle nemithandazo," kusho iBoxing 5 ekhasini layo le-Facebook izolo.
UBall, obevikela ibhande le-WBC okwesithathu, akajabulanga ngesikhathi emenyezelwa njengowinile ngomcacamezelo ngomngqimuzo womlalisa phansi, wathi okuphambili yimpilo kaLamati.
"Ngiyathemba ukuthi uyalulama. Ngizojabula kakhulu uma sengikwazi lokho ngoba isibhakela asiwona amancoko. Kukhona abantu abasithatha kancane. Ungalahlekelwa yimpilo yakho lapha," kusho uBall ngemuva kwempi.
Ukulimala kukaLamati, obeqala ukwehlulwa ezimpini ezingu-23, kwenyuse amaphaphu kubalandeli besibhakela eNingizimu Afrika ngenxa yokwanda kwezigameko zabashayisibhakela abalimala eringini, abanye baphethe ngokushona. Uqale isibhakela ngo-2014 emuva kokugila izimanga esigabeni sama-amesha. Uwine ibhande le-ABU Featherweight, SA Junior Featherweight nele-IBO Junior Featherweight.
UNsikayezwe Sithole, oyisikhulu esiphezulu seBoxing South Africa (BSA) sithe bayaxhumana nodokotela eBelfast ukuzwa isimo sikaLamati.
"Sizwile ngokwenzeke kuLamati. Sisukumele phezulu, sathinta inxusa lakuleli eliseNorthern Ireland ukubona ukuthi yini esingayenza. Siyaxhumana nomndeni nodokotela bakhe ukuze sihlale sazi ngesimo sakhe. Sinethemba lokuthi uzolulama," kusho uSithole.
Kubashayisibhakela baseMzansi abalimele eringini bagcina beshonile kukhona uPhindile Mwelase owahlala kwi-coma amasonto amabili ekade ebhekene noLiz Butler ngo-2014 no-Anele Makhwelo owadlula emhlabeni ekade elwa noDoctor Ntsele ngo-2011. Okusekusha ezinhliziyweni wukushona kukaSmiso Buthelezi emuva kwezinsuku elwe noSiphesihle Mntungwa eThekwini. Phesheya kwezilwandle kwenzeke okufanayo emasontweni amabili edlule kuphangalala uKenneth Egano wasePhilippines ekade exhimfana noJason Facularin ezimpini ebezihlelwe yingqwele yomhlaba uManny Pacquiao.