SITHEMBISO MKHIZE
IZINTOKAZI zakuleli zigqibe ihlazo lango-2008, lapho iNingizimu Afrika yabuya khona nendondo eyodwa kuma-Olympic Game ayeseBeijing, eChina.
Emidlalweni eqhubeka eTokyo, eJapan, umbhukudi uTatjana Schoemaker uvule indlela ethola indondo yesiliva ku-100m Breastroke (ngo-1:05.22). Eyegolide inqotshwe nguLydia Jacobs wase-United States of America (USA) (1:04.95).
Kusaphele amahora ambalwa kwenzeke lokhu, kube sekuqhamuka intokazi edlala i-surfing, uBianca Buitendag, nayo ethole eyesiliva kulo mdlalo.
Ngesikhathi kubhekwe kowamanqamu, uBuitendag uhlule uStephanie Gilmore wase-Australia, oseke waba umpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa, Caroline Marks owake waba yingqwele yomhlaba noMuro Tsuki waseJapan ogcine elale isithathu.
Igolide likhale lemuka noCarrisa Moore wase-USA okleliswe endaweni yokuqala.
Ngemuva kokunqoba, uBuitendag obefa yinjabulo, uthe: "Ngijabule kakhulu ngokunqobela izwe lami le ndondo. Olwandle bekuyimpi eyisimanga, bekungathi umshini wokuwasha. Kodwa-ke mina ebenginganakiwe kungisebenzele. Ngokunqoba lapha, ngethemba ukuthi sizokwanda isibalo samantombazane athola isibindi sokungena emanzini. Ngithi kuwo nilindeni, nakhu nje mina ngikwazile ukungena emanzini ngibuye nendondo.“
Ama-Olympic aseBeijing ngo-2008, awasoze aphuma emiqondweni yezakhamuzi zakuleli. Elakuleli lasindela uKhotso Mokoena owanqoba eyesiliva kwi-long jump.
Ngo-2012 eLondon, e-England, abadlali bakuleli bazama ukuvala ihlazo benqoba eziyisithupha. Amagolide aba mane, isiliva elilodwa nethusi elilodwa.
Emidlalweni yango-2016, eRio de Janeiro, eBrazil, iNingizimu Afrika ilinyusile kancane izinga, yahlabana ngezindondo ezilishumi. Zaba zimbili ezegolide, zaba yisithupha ezesiliva, nezimbili zethusi.
Kowamanqamu eTriathlon Women's Individual, uSimone Ackerman akalibonanga elidlalayo, usonge kweyesi-17.