WENZE izinguquko eziyisithupha eqenjini elizobhekana ne-Italy emdlalweni wesibili weWorld Rugby Under-20 Championship umqeqeshi weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa lika-Under 20, uBafana Nhleko.
Umdlalo unamuhla ngo-4 ePaarl Gimnasium Stadium, ePaarl.
AmaJunior Boks anqobe umdlalo wokuqala kuGroup C ngempelasonto edlule, ethela phansi iGeorgia ngo 33-23. UNhleko uthe yize kube kuhle ukuthi bawunqobe umdlalo wokuqala, yena nabadlali abagculisekanga ngendlela iqembu elidlale ngayo.
Laba badlali abayisithupha abafakwe eqenjini elizodlala ne-Italy bazobe beqala ngqa ukudlalela iqembu lesizwe. URegan Izaks, Quewin Nortje, Sam Francis, Cornè Beets noTiaan Wessels baseqenjini elizowuqala umdlalo. ULitelihle Bester uzoqala ebhentshini.
UNhleko uthe lokhu kuyingxenye yezinhlelo zabo zokubashintsha abadlali ukuze bangakhathali kakhulu.
“Besivele sihlele ukunikeza abadlali abaningi amathuba emidlalweni emibili yokuqala.” usho kanje kwabezindaba.
“Sibatshelile ukuthi sizosishintsha isikwati njengoba umqhudelwano uqhubeka. Kubalulekile futhi ukuthi sikhombise ukuthi sibethemba bonke abadlali abaseqenjini ngokubanika ithuba zibekwa.
“Lokhu kuzosisiza ukuthi sibe nabadlali abasesimeni esihle umqhudelwano uze uphele njengoba sisincane isikhathi phakathi kwemidlalo.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi sizobadinga bonke ukuze sithole imiphumela esiyifunayo ngakho sizocela ukuthi bonke bafake isandla.”
I-Italy ithelwe phansi yi-Argentina ngo 43-15 emdlalweni wayo wokuvula wamaqoqo kodwa uNhleko ukholwa wukuthi lokho kuyenza ibe yingozi njengoba izozimisela kakhulu kulo mdlalo wesibili.
“Bazongena kulo mdlalo benamanxeba ngoba izinto azibahambelanga kahle bebhekene ne-Argentina, ikakhulukazi ngemuva kokukhishwa komdlali wabo ngekhadi elibomvu,” kusho uNhleko.
“Engikuqaphele ngesikhathi bedlala kwiSix Nations ka-Under 20 ukuthi badlala ngokuzimisela futhi bayathanda ukugcina ibhola. Bahle kuma-scrum futhi balikhahlela kahle ibhola. Silindele umdlalo onzima,” uphethe kanje.
Iqembu lamaJunior Boks elizobhekana ne-Italy:
Abazoqala: 15. Regan Izaks, 14. Michael Annies, 13. Katlego Letebele, 12. Damian Markus, 11. Quewin Nortje, 10. Sam Francis, 9. Neil Le Roux, 8. Cornѐ Beets, 7. Jannes Potgieter, 6. Paul de Villiers, 5. JF Van Heerden, 4. Tiaan Wessels, 3. Mawande Mdanda, 2. Juann Else, 1. Cornè Lavagna.
Abasebhentshini: 16. SJ Kotze, 17. Phatu Ganyane, 18. Zachary Porthen, 19. Ghudian van Reenen, 20. Gcinokuhle Mdletshe, 21. Imad Khan, 22. Litelihle Beste, 23. Jurenzo Julius.