KUBHEKWE ukuthi iNingizimu Africa iqede ukukhonya kweKenya kumaConfederation of African Athletics African Athletics Championships, aqale ngoLwesihlanu asongwe ngoLwesithathu, eDouala, eCameroon.
I-Athletics South Africa (ASA) eholwa uJames Moloi, ithumele eCameroon isikwati sabasubathi abangaphezu kuka-60.
Okuqaphelekayo ngaso ukuthi nakuba bekhona abasubathi abanesipiliyoni kodwa kugcwele abasebancane nokho abanomfutho.
Eningini, lo mqhudelwano ngowokugcina ukuhlungela ukuya kuma-Olympic Games aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance. Emiqhudelwaneni emibili eyedlule, ngo-2022, eMauritius nakowaseNigeria, ngo-2018, kwakhonya iKenya.
Kowango-2022, iKenya yanqoba izindondo eziyishumi zegolide, ezinhlanu zesiliva neziyisishiyagalombili zethusi. Sezizonke zaba u-23. Elakuleli labuya neziwu-36. Zaba yisishiyagalolunye ezegolide, zaba u-13 ezesiliva, ezethusi zaba u-14.
IKenya yalala kweyokuqala ngenxa yokuba nezindondo eziningi zegolide. Kweyesithathu kwaba iNegiria ngeziwu-11.
Abanqobela elakuleli ezegolide kwaba uSokwakhana Zazini, Miranda Coetzee abagijima ibanga lika-400m, Warner Visser (discuss throw), Alan Cumming (hummer throw), Zeney van der Walt (400mh), Mire Reinstorf (pole voult), Ischke Seneekal (shot put), Jo-Ane van Dyk (javelin) neyeqembu le 4x400m relay.
Ngo-2018, iKenya yayizihole phambili ngeziwu-19. Yathola amagolide awu-11. Elakuleli lanqoba eziwu-31sezizonke. Zaba yisishiyagalolunye ezegolide.
INigeria yalala kweyesithathu ngeziwu-20.
INingizimu Afrika yagcina ukukhonya ngo-2016, emqhudelwaneni owawuseThekwini nakowawuseMorocco, ngo-2014.
Abagijimi bakuleli ababhekiwe eCameroon, ngabafana noMire oshaya ibuya. Ngo-2021 wanqoba eyegolide kumaWorld Athletics U/20 Championships.
Kukhona uViwe Jingqi okuthe ekuqaleni konyaka wanqoba ibanga lika-100m ngesikhathi esiwu-11.23, kumaSA Senior Championships, eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu.
Kukhona nentokazi uPrudence Sekgodiso obuye abe sesikwatini esiya eParis. ECameroon uzogijima elika-1500.
Kwabesilisa kuboshelwe noqweqwe, uWayne Snyman womjaho wabahambayo, owayekhona kuma-Olympic ango-2016, eBrazil. Kukhona noFrancois Prinsloo we-javelin owenza izimanga e-USA lapho ezinze khona.
Abanye ngoBayanda Walaza, Bradley Nkoane, Benjamin Richardson, Sinesipho Dambili noShaun Masanwanyi. Laba bazogijima u-100m no-200m. Bazophinda bagijime ne-4x100m ne-4x200m relay.