XOLILE MPISANE
LIBHEKE ukushaya into ecokeme emdlalweni walo neVodacom Bulls iqembu laKwaZulu-Natal, iCell C Sharks, kodwa alizikhathazi ngokuvikela irekhodi lokungahlulwa kwiCarling Currie Cup kule sizini.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi waleli qembu, u-Etienne Fynn, njengoba lezi zimbangi zizodudulana kulo mqhudelwano eLoftus Versveld ngoLwesithathu ngo-8 ebusuku.
EzikaFynn sezinqobe imidlalo emine ilandelana ukuze zilale endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-18. Zibambene neToyota Cheetahs eqhwakele esicongweni kanti iBulls isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-15.
"Uma ungathathi umdlalo nomdlalo ngamunye, nakanjani uzogcina ushibilike ekhasini likabhanana. Sibheke ukukhula nokwenza kangcono kuyo yonke imidlalo yethu," kusho uFynn.
"Asikaze sikhulume nakanye mayelana nerekhodi lokungashaywa kule sizini. Esikubhekile ukwenza into ebonakalayo enkundleni."
UFynn wenze izinguquko eqenjini elihlule iPumas emdlalweni wabo wokugcina. U-Emile van Heerden noHyron Andrews bazongena ezikhaleni zikaLe Roux Roets noReniel Hugo, uCameron Wright athathe indawo kaSanele Nohamba kwi-scrumhalf.
UMagnus Potgieter uzongena endaweni kaJeremy Ward kwi-centre, uCurwin Gertse aqale ophikweni.
"Bonke abadlali bawulungele umdlalo futhi yilokho okufunayo uma ungumqeqeshi. Ufuna iqembu lakho libe sendaweni efanele ngokomqondo,” kuqhuba uFynn.
“Ulindele ukuthi abadlali bakho bazinikele ngokuphelele, uma bekwenza lokho uyakhululeka ngaphakathi, akukhathalekile ukuthi bayanqoba noma bayadliwa.
“IBulls izoqhubeka nokuba yiBulls, izobe idlala eLoftus futhi silindele ukuthi idlale umdlalo wayo ojwayelekile. Kuyiqiniso ukuthi bashintshe okuthile endleleni abadlala ngayo kodwa siyakwazi lokho.
"Siwenze onke amalungiselelo, sekusele ukuthi sibhekane nabo enkundleni yabo. Banenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa nathi sinabo."
IBulls iqoke iqembu eliqinile elinabadlali abasanda kugijima kwi-United Rugby Championship ngesikhathhi bebhekene neqembu laphesheya, iMunster.
Kweminye imidlalo yeCurrie Cup, ezodlalwa namuhla ntambama, iTafel Lager Griquas izodudulana neSigma Lions eKimberley ngo-3:30 kuthi iCheetahs ibhekane neDHL Western Province ngo-5:45.