XOLILE MPISANE
IQALE ngegiya eliphezulu isizini ye-track and field kuleli ngomlenze wokuqala wochungechunge lwe-ASA Grand Prix obubanjelwe eMangaung Athletics Stadium, eFree State, ngoLwesithathu ntambama.
Lowo ngumbono wesinye sezikhulu ze-Athletics South Africa (ASA), uHezekiel Sepeng, olindele ukuthi lolu chungechunge luqhubeke nokudlondlobala emilenzeni ezayo.
Lona bekuwumlenze wokuqala kwemihlanu ezosingathwa yi-ASA ezinyangeni ezintathu ezizayo, ephinde ibe yingxenye yeWorld Athletics Continental Tour esigabeni seChallenger.
Ngenxa yalokhu, ihehe nabasubathi bakwamanye amazwe njengabaseNamibia, uChristine Mboma, noBeatrice Masilingi, abagijime kuma-Olympics eTokyo nyakenye.
Bekukhona nabasubathi bakuleli abasezingeni eliphezulu, u-Antonio Alkana, Kyle Blignaut noWenda Nel, abebebheke ukuthi baqale kahle emiqhudelwaneni yabo ehlukene.
“Akulula ukuhlela umcimbi walolu hlobo futhi kunzima ukuthola bonke abasubathi abasezingeni eliphezulu kodwa sijabule ngendlela esiqale ngayo,” kusho uSepeng.
“Ukuza eNingizimu Afrika akulula njengokuya emazweni ase-Europe lapho abasubathi bekwazi ukuhamba khona kalula. Lapha kumele sicabange izindleko zokuhamba, izindawo zokuhlala nokunye njengoba okuningi kuphuma ephaketheni le-ASA.
“Siyajabula ukuthi lo mcimbi uyingxenye lweWorld Athletics Continental Tour, noma ngabe kuyisigaba seChallenger. Ngicabanga ukuthi e-Afrika yiKenya esezingeni legolide, iBotswana isesigabeni sethusi kanti iChallenger ingaphansi kwethusi.”
U-Alkana uphume phambili emjahweni wabesilisa we-110m hurdles ngo-13.78, uNel walala endaweni yesine kwi-400m hurdles ngo-53.50. UBlignaut, osanda kubuya ekulimaleni, ulale endaweni yesibili kwi-shot put yabesilisa njengoba ephonse u-20.43m.
“Bengilindele isikhathi esingcono, kodwa ngikhathalile kancane ngasekupheleni komjaho,” kusho u-Alkana. “Umzimba wami awuzange uvume ngendlela ebengilindele ngayo kodwa kuseyisikhathi esihle.
"Amalungiselelo ahamba kahle, kukhona engiziqeqesha nabo abanginika inselelo engiyidingayo. Ngizogijima nasemlenzeni olandelayo ozoba seKapa futhi ngiyethemba ukuthi ngizokwenza kangcono."
Umcimbi olandelayo we-ASA Grand Prix uzoba seKapa ngoMashi 23 bese ulandelwa ozobanjelwa ePotchefstroom ngo-Ephreli 6.
Uhlu lwabaphumelele:
Men's Shot Put: Jason Van Rooyen - 20.64m
Men's 110m Hurdles: Antonio Alkana - 13.79
Women's 100m Hurdles: Marione Fourie - 13.10
Women's 400m Hurdles: Zeney van der Walt - 51.90
Women's 400m: Anname Fourie 55.40
Men's 400m: Oratile Setlhabi 46.40
Men's 800m: Jabulane Ncamane - 1:46:30
Women's 800m: Danielle Verster - 02:07:00
Men's 100m: Sibusiso Matsenjwa (Eswatini) - 10.50
Women's 100m: Christine Mboma (Namibia) - 11.15