INTAKA izobe ibekelwe amazolo phakathi kweCell C Sharks neToyota Cheetahs koweCarling Currie Cup oseToyota Stadium, eBloemfontein namuhla ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama.
Kusele imizuliswano emithathu kanti ubungozi beCheetahs, engenayo ingcindezi yemiqhudelwano emibili kwazise kule sizini isidlalela iCurrie Cup kuphela ekubeni iSharks nabanye beyibamba nakwi-United Rugby Championship, ifakazelwa wukuthi ayikehlulwa kule sizini.
ISharks, engena kule mpelasonto isendaweni yesithathu, ibalwa emaqenjini asesemathubeni amahle okungena kuma-semifinal kodwa kusangenzeka noma yini.
Ngemuva kwayo kukhona iWindhoek Draught Griquas ne-Airlink Pumas bobabili abasenethuba lokuledlula iqembu laseThekwini.
Phezu kokungehlulwa kule sizini, iCheetahs isasalelwe yimidlalo eminingi kanti ukunqoba namuhla kungayibeka ethubeni elihle lokuqeda eqhulwini nokuqikelela ukuba sekhaya kuma-semifinal.
Omunye umdlalo weCurrie Cup namuhla ngoweVodacom Bulls neSigma Lions eLoftus Versfeld, eTshwane.
*Khonamanjalo, izolo iWorld Rugby imemezele i-Australia ne-US njengamaqembu azosingatha iRugby World Cup ka-2027 neka-2031 yabesilisa.
Eyabesifazane izosingathwa ngo-2025, kuthi i-Australia isingathe eka-2029. I-US izophinde ithole eka-2033.
Izindaba zokumenyezelwa kwamazwe azosingatha le miqhudelwano zihambisana nezindaba ezimbi ezidweba isithombe sokuthi iNingizimu Afrika ayisophinde ilithole ithuba lokusingatha lo mqhudelwano.
INingizimu Afrika iwusingathile umqhudelwano ngo-1995 kanti ikhale ngaphansi kwiFrance esicelweni sokuwuphinda ngo-2023.