UMpofu ogijimela iNedbank Running Club, ubeshaye intambo ngesikhathi esiwu-02:10.24, ebangeni lika-42km. Ngaphansi kwawo lo mjaho bekukhona nama-ASA Marathon Championships.
UJulian Joseph obengunompempe kulo mjaho obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi uMpofu uphucwe indondo yegolide ngenxa yokushaya intambo egqoke i-license eyodwa (inombolo eba kwi-vesti lomgijmi ngemuva nangaphambili).
"Ngokomthetho wezokugijima, umsubathi kumele agqoke ama-license amabili. Aba ngaphambili nangemuva. Uma uke wafika esiphethweni somjaho ugqoke eyodwa uthathwa njengongawugijimanga umjaho. Nakumina kubuhlungu ukuthi siyamphuca ilungelo lokunqoba lo mjaho. Kodwa-ke umthetho umthetho," kubeka uJoseph.
Lo nondweba ubuye waveza ukuthi kuphindwe kwaphucwa noBusisiwe Chamane indondo yethusi ebangen lika-10km. UJoseph uveze ukuthi uChamane uphule umthetho ofanayo.
Indawo yokuqala kwabesilisa, ku-42km ibe seyinikwa uTumelo Motlagale obephume isibili (02:11.15)
Ube esegoduka nesamba sika-R50 000.
Uphinde wanqobela iCentral North West indondo yegolide kuma-ASA Marathon Championships. Ushaye nesikhathi esimfaka kumaWorld Championship azobe ase-Oregon kulo nyaka.
Isibili kuphenduke kwaba esikaTsepo Ramashoemole (02:12.57).
Kwabesifazane intambo ishaywe uShelmith Nyawira Muriuki waseKenya (02:37.54).
Isibili kube uGete Galato wase-Ethiopia (02:41.00) kwathi isithathu sathathwa intokazi yakuleli, uJenet Mbhele weXcel Running Club (02:43.07).
UMbhele uphinde wanqobela iKwaZulu Athletics indondo yegolide kumaChampionships.
UMotlagale uthe okwenzekile ubengakulindele.
"Okungijabulisa kakhulu kunakho konke ukuthi ngikwazile ukwenza isikhathi sokungena kumaWorld Athletics Championships. Inhloso yami bekuyileyo vele. Umzila bewumuhle futhi ushesha," kubeka uMotlagale.
UMbhele ukhale ngokulimala ngaphambi kwalo mjaho.
"Nasemzileni ngivukwe umkhuhlane. Empeleni wawungiqale ngoLwesihlanu olwedlule. Ngiphinde ngaphoxwa ukuthi ngihlulekile ukwenza isikhathi ebesizongifaka eqenjini eliya kumaWorld Champs. Akusenani, ngibonga kona ukunqobela isifundazwe sami indondo yegolide kuma-ASA Marathon Championships," kubeka uMbhele.
Ku-10km kwabesilisa kunqobe uSiyabonga Ndlovu (00:28.51), kwabesimame intambo yashaywa uBathobile Mkhize wayo iXcel (00:35.31).