ATHOLE imiphumela engafani amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiTelkom Netball Leagues njengoba lo mqhudelwano ungene emzuliswaneni wesibili eHeartfelt Arena, ePitoli, ngempelasonto.
IKingdom Queens iqale umzuliswano wesibili ngenothi eliphezulu inqoba iLimpopo Lilies ngo 42-40.
IQueens ibiwuphethe umdlalo ngasekuqaleni kodwa iqembu laseLimpopo labuya ngekota yesibili neyesithathu. Nokho iQueens ikwazile ukubambelela yanqoba ngamagoli amabili.
“Ngemuva komzuliswano wokuqala sibuyele ekhaya sasebenza kanzima ukulungisa amaphutha esiwenzile, ngiyajabula ukuthi ezinye zezinto esizilungisile zisisizile kulo mdlalo,” kusho ukaputeni weQueens, uSiphiwe Sibisi.
“Kweminye imidlalo edlule besivumela ingcindezi isiphazamise kodwa kulo mdlalo ngizamile ukukhumbuza amantombazane ukuthi ehlise umoya futhi adlale ngenjabulo.
“Ngikholwa wukuthi emidlalweni ezayo abantu bazobona ukuthi iQueens iphetheni ngempela."
Izinto azihambanga kahle eqenjini laKwaZulu-Natal elidlala esigabeni esiphezulu, iKingdom Stars, eshaywe yiNorth West Flames ngo 54-26 ngoMgqibelo ntambama.
IStars isihlulwe imidlalo emine, yanqoba owodwa. Inkinga yokugeja amagoli egqame emzuliswaneni wokuqala eSeshego iqhubekile nokuhlupha iStars kulo mdlalo.
IQueens izobuyela enkundleni ngoLwesihlanu ntambama lapho izobhekana khona ne-Eastern Cape Comets eHeartfelt Arena.
Emdlalweni olandelayo iStars izobhekana neGauteng Jaguars ngoMgqibelo ntambama.