IMadrid iguqise iCity ngo 3-1 ngoLwesithathu, nokuwubeke ku 6-5 umdlalo sekuhlanganiswe imilenze emibili.
Lokhu kuvele engxoxweni yesilomo somhlaba sethenisi, uRafael Nadal, odabuka khona eMadrid, eSpain nowaziwa ngokuba ngumlandeli omkhulu weLos Blancos.
UNadal (35), okleliswe isithathu ethenisini emhlabeni kwabesilisa, ucashunwe yi-ATP eveza ukuthi amandla okugcina akhishwe yiMadrid, eSantiago Bernabeu Stadium, amkhuthazile ukuthi azikhandle akhiphe izithukuthuku zokugcina ngoLwesine ebusuku, ephunyuka ngembobo yenaliti kuDavid Goffin waseBelgium.
UNadal udlulele kuma-quarterfinal eMadrid Open lapho ezobhekana khona nomkhaya wakhe, uCarlos Alcaraz.
“Bekungubusuku obuyisimanga izolo (esho obaseSantiago Bernabeu Stadium), umoya okhonjiswe yiReal Madrid akukho okunye ebengingakwenza ngaphandle kokuthi nami, ngandlela thize, ungikhuthaze,” kucashunwa uNadal.
IMadrid, ethungatha isicoco sayo sesi-14 seChampions league, izohlangana kowamanqamu neLiverpool, efuna esesikhombisa, eParis ngoMeyi 30.
UNadal naye uqophe owakhe umlando kwazise uzodlala iquarterfinal ka-99 empilweni yakhe yethenisi.