INKAMPANI yophuzo olunotshwala, iCarling Black Label, ibungaze nabalandeli ukunqoba indondo yegolide kuma-Australian International Beer Awards kulo nyaka, emcimbini obuseGoli, ngempelasonto. IBlack Label inqobe le ndondo ngenyanga eyedlule, eMelbourne, e-Australia.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabadlali abaphinde babe ngamanxusa eCarling Black Label, uHappy Jele owayegijima ku-Orlando Pirates noMandla Masango, yena owayegijima kwiKaizer Chiefs.
UNKk Nonjabulo Ndwandwe oyisikhulu seBlack Label, uthe indondo abayinqobile iyafakazela ukuthi bathandwa umhlaba wonke.
UNdwandwe uthe iBlack Label iyakholelwa kubantu njengoba nabo bekholelwa kuyona.
“Le ndondo iyinkomba yokuthi siyathandwa futhi siyathengwa zonke izinkalo zezwe. Into esilokhu siyishumayela ukuthi iCarling Black Label yisiphuzo esithandwa yiwo wonke umuntu futhi sifisa lulokhu luqhubeke njalo uthando abantu abasikhombisa lona. Konke esesikuzuzile besingeke sikuzuze ngaphandle kwabathengi nabalandeli bethu, yingakho sithi bangabanqobi,” kusho uNdwandwe.
UJele uthe kuyajabulisa ukubona iBlack Label ijabula kanye nabathengi bayo, wathi lokhu kukhombisa ubudlelwano obuhle.
Umncimbi ubuhanjelwe ngosaziwayo noThobani Nzuza, Zamani Mbatha noKagiso Rabada.