XOLILE MPISANE
INHLANGANO eyengamele umbhoxo eNingizimu Afrika, iSA Rugby, ithembise ukuthi izoziphendulela ngecala ebekwe lona nongumqondisi wombhoxo kuleli, uRassie Erasmus.
NgoMsombuluko inhlangano eyengamele umbhoxo emhlabeni, iWorld Rugby, ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi ivulele i-SA Rugby no-Erasmus icala ngemuva kokusabalala kwevideo yalo mqeqeshi ngeledlule.
Kule video u-Erasmus uqoshwe ephawula ngokungagculiseki ngezinye zezinqumo ezathathwa ngonompempe emdlalweni wokuqala phakathi kwamaBhokobhoko neBritish and Irish Lions.
Akhala ngaphansi kulowo mdlalo amaBhokobhoko.
"Umqondisi we-rugby yaseNingizimu Afrika uRassie Erasmus ne-SA Rugby bazovela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe bazochaza ngokwashiwo mayelana nomdlalo owawuphakathi kwamaBhokobhoko neBritish and Irish Lions," kusho isitatimenede seWorld Rugby.
"Onompempe bawumgogodla womdlalo wombhoxo, ngeke uqhubeke ngaphandle kwabo. IWorld Rugby ayihambisani nokugxekwa kokuqokwa kwabo, izinqumo zabo nokuziphatha kwabo esidlangaleni.
"Lokho kubukela phansi umsebenzi wabo nezindlela ezibekiwe zokubonisana phakathi kwabo nabaqeqeshi futhi akuhambisani nemigomo yokuvikela umdlalo wombhoxo.
"Emva kokucubungula lonke ulwazi, i-World Rugby ikhathazekile ngokuthi kunabantu abathile emaqenjini womabili (amaBhokobhoko namaLions) abaphawule ngokuqokwa konompempe nezinqumo abazithathile enkundleni.
"Kodwa indlela u-Erasmus aphawule ngayo kwivideo yakhe siyibona iphula umthetho weWorld Rugby uRegulation 18, oqondene nendlela yokuziphatha. Yingakho kumele (u-Erasmus neSA Rugby) bavele phambi kwekomiti bezochaza. Basazomenyezelwa abazoba yingxenye yaleli komiti nosuku abazovela ngalo luzobuye lukhishwe."
ISA Rugby iphendule ngokuthi: "SiyiSA Rugby sazisiwe ngecala esibekwe lona yiWorld Rugby kanti siyathembisa ukuthi sizophendula ngezinhlaka ezifanele. Ngeke sisaphawula luze luphothulwe lolu daba."
NgoLwesithathu uMarco Masotti, ongummeli, abuye abe ngumphathi wenkampani yaphesheya iMVM Holdings, ubhale ekhasini lakhe kwiTwitter ethembisa ukuthi uzimisele ngokuhlanganisa ithimba labameli elizomela u-Erasmus neSA Rugby kuleli cala.
IMVM Holdings iphethe i-51% eqenjini lembhoxo laseNingizimu Afrika, iCell C Sharks.