SITHEMBISO MKHIZE
UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA), uJames Moloi, uthi ihlazo elenzeke kuma-Olympic Games, abezokusubatha benganqobi neyodwa indondo, selibaphoqe ukuthi basukumele ngokushesha izinhlelo zokuthuthukisa lo mdlalo emazingeni aphansi.
Lesi sikhulu sitshele Isolezwe ukuthi kasazi ukuthi singakuchaza sithini ukuphoxeka esikuzwile ngesikhathi abasubathi bengabuyi ngisho nendondo eyodwa, eTokyo, eJapan.
"Alikho igama engingachaza ngalo isimo esenzeke eTokyo ngaphandle kokuthi yihlazo leliya. Kumele kubekhona okwenziwa ngokushesha,“ kusho uMoloi.
"Bezingeningi vele izindondo ebesizibhekile, besilindele ezintathu kuphela. Kangiqondile ukuzivikela kodwa kungaba yiphutha ukungakuvezi ukuthi amalungiselelo ethu kawabanga mahle.
“Sishaywe kakhulu yiCovid-19. Iningi labasubathi bethu kalikwazanga ukuyoqhudelana nabezinga eliphezulu emazweni aphesheya ngenxa yemithetho elwa nalo mkhuhlane. Angifuni ukuziqinisa, ngiphoxeke kakhulu.”
INingizimu Afrika ibuye nezindondo ezintathu kuphela eTokyo.
Intokazi engumbhukudi, uTatjana Schoenmaker ihlabane ngeyegolide kwi-200m breaststroke. Kulo leli banga iphinde yaphula nerekhodi.
Kayigcinanga lapho njengoba iphinde yanqoba eyesiliva ebangeni lika-100 kuyo ibreaststroke.
Omunye ophakamise ifulegi lakuleli uBianca Buidendag ohlabene ngeyesiliva kwi-surfing.
Kucishe kwenzeka esango-2008 lapho iNingizimu Afrika eyathola indondo eyodwa kuphela yesiliva kaKhotso Mokoena owabuya nethusi kwi-long jump.
UMoloi uthe akafuni okwenzeke eTokyo kuphinde kwenzeke kumaWorld Athletics World Championships azoba ngoJulayi ngonyaka ozayo e-Eugene, e-United States of America (USA).
Imidlalo elandelayo yama-Olympic izoba seParis, eFrance ngo-2024.
NB: Thola yonke ingxoxo kaMoloi kwiSolezwe, iphephandaba