BANYUSE amathemba eNingizimu Afrika okwandisa isibalo sezindondo ababhukudi bakuleli besifazane, uTatjana Schoenmaker noKaylene Corbett bedlulela kowamanqamu kuma-Olympic Games aqhubeka eTokyo, eJapan.
USchoenmaker osenqobele iNingizimu Afrika indondo yesiliva kwi-100m Breaststroke, ezintatha unqobe owandulela owamanqamu ku-2000m breaststroke, enza isikhathi esiwu-2:19.33. Owamanqamu ukusasamngo-4.54 ekuseni.
Omunye onyuse amathemba elakuleli uKaylene Corbett onqobe komunye umjaho owandulela owamanqamu enza u-2: 22.08. Zombili lezi zintokazi ziziqeqesha e-University of Pretoria.
Lokhu kwenza kahle nokushaya izikhathi ezisheshayo ikakhulukazi kukaSchoenmaker, kwenza kube nethemba ngokuthi elakuleli lizohlomula ngendondo yesithathu kule midlalo.
Okwamanje lisanezimbili kuphela. Enye yesiliva inqotshwe uBianca Buitendag odlala i-surfing.
Kuzo ezokubhukuda, uMathews Sates (18), uhlulekile ukudlulela kowamanqamu eqeda endaweni yesishiyagalombili kwabesilisa ebangeni lika-200m Individual Medley.
Ashabalele amathemba kaChad le Clos okuthola indondo eqeda endaweni yesithupha kweyokuhlunga ka-100m Butterfly. UMatthew Sates kumbhimbelile wangangena kweyandulela owamanqamu.
Iqembu lakuleli labesilisa le-hockey linqobe umdlalo wokuqala ngesikhathi lishaya iGermany ngo-4-3 kuPool B.
Kowokuqala iNingizimu Afrika yashaywa iGreat Britain ngo-3-1, kowesibili yathelwa othulini iNetherlands ngo-5-3 kwathi kowesithathu yabhaxatshulwa kabuhlungu iBelgium ngo-9-4.
Kusasa ekuseni ngo-5.15 lizodlala neCanada kowokugcina wamaqoqo.
Kuzoqala iqembu labesifazane, lidlale neGermany ngo-2.30 ekuseni. .
Ukuqeda kuka-Alex Limberg endaweni yesithupha kuma-quarterfinal e-Cycling Men's BMX, kumvimbe ukudlulela kowandulela owamanqamu.