XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, unethemba lokuthi ukunqoba uchungechunge lwama-test ebawadlale namaBritish and Irish Lions kuzonika iqembu lakhe umfutho njengoba lizoqala umqhudelwano weRurgby Championship.
AmaBhokobhoko aguqise amaBritish Lions ngo 19-16 eCape Town Stadium ngempelasonto, anqoba iCastle Lions Series ngo 2-1.
Azobhekana ne-Argentina emdlalweni wokuqala we-Rugby Championship eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ngo-5.05 ntambama.
"Siyaziqhenya kakhulu ngokunqoba i-Castle Lager Lions Series. Sithokoze ndawonye siyiqembu ngoMgqibelo kodwa manje sesibheke isonto elisha elisilindele," kusho uNienaber.
"Njengoba umdlalo wethu wokuqala ne-Argentina ungoMgqibelo, konke esikwenzayo kufanele kube yilokho okuzosisiza ukuthi sibuye ngomunye umdlandla, siwuqale kahle lo mqhudelwano.
"Sinemidlalo emibili ebalulekile esizoyidlala ekhaya eNelson Mandela Bay ngaphambi kokuthi sithathe uhambo olubheke e-Australia naseNew Zealand. Sisanesikweletu sokubhekana nemidlalo eminingi enzima kodwa okusemqoka ukuthi siqhubeke nomsebenzi omuhle esesiwenzile kule midlalo eyedlule, siye phambili kula masonto azayo."
UNienaber uthe abekho abadlali abalimalile ngoMgqibelo (odlule) kodwa kungenzeka baphumuze abadlali abathile emdlalweni wokuqala ne-Argentina.
"Sakhetha isikwati esikhulu ukuze silungisele le sizini ende. Kunabadlali abebeyingxenye yesikwati esikhulu sabadlali abangu-46 abangakalitholi ithuba lokudlala. Sihlose ukubasebenzisa kule midlalo ezayo.
"Kusemqoka ukuthi sibanakekele abadlali bethu. Bonke bathole isikhathi esanele enkundleni ukuze bahlale besesimeni esihle, siphinde siphumuze laba asebedlale kakhulu."
AmaBhokobhoko azophinda adlale ne-Argentina eNelson Mandela Stadium ngo-Agasti 21 ngaphambi kokuthi ayodlala e-Australia ngenyanga ezayo.