SITHEMBISO MKHIZE
ZIYANDA izinkinga zeqembu labesilisa lakuleli le-4x100m relay njengoba kuvela ukuthi selikhishiwe nasemcimbini wamaSA Sports Award, oqala ngo-6 ntambama kusasa, e-ICC, eThekwini.
Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele izindaba ezimbi, iSA Doping Institute for Drug-Free Sport (Saida) iveza ukuthi uThando Dlodlo wamela elakuleli nyakenye, kumaWorld Athletics Relay Championships, ePoland, edle isikhuthazamzimba esingavumelekile kwezemidlalo esaziwa nge-testosterone.
Njengoba imiphumela isanda kuphuma nje, wayehlolwe ngo-Ephreli wangawo u-2019 kumaSA National Championship ayesePretoria.
Iqembu lakuleli kwi-4x100m relay lanqoba igolide ligadla ngaye uDlodlo, Akani Simbine, Gift Leotlela noClarence Munyai.
Lo mphumela waphinde walibekela indawo kuma-Olympic Game abeseTokyo nyakenye.
Ngemuva kwale miphumela, uDlodlo, owayeseqenjini le-relay kumaWorld Athletics Champ ngo-2019, eDoha, ube esemiswa iminyaka emibili nezinyanga eziyisithupha kwezokusubatha.
Uyalelwe nozakwabo ukubuyisela emuva izindondo.
Isigwebo sikaDlodlo siqale ngoJuni 29 wanyakenye, sizophela ngoDisemba 28 wango-2023. Ukunqoba indondo yegolide kwashukumisa elakuleli lonkana.
NoMnyango wezeMidlalo uze walifaka ohlwini lwamaqembu azobanga indondo yeqembu lonyaka emcimbini wakusasa.
UMickey Modisane, okhulumela uMnyango wezeMidlalo kuzwelonke, utshele Isolezwe ukuthi leli qembu selikhishiwe kulo munxa.
"Angeke ngande kakhulu kodwa engingakuqinisekisa ukuthi iqembu le-4x100m relay alisekho emunxeni weqembu lonyaka. Umnyango usalinde incwadi ephuma kwiSouth African Athletics (Asa) ezochaza imininingwane ephelele ngalolu daba," kubeka uModisane. Leli qembu belibanga namaSpringbok neSpar Proteas Netball.
AmaSA Sports Award ashaya ibuya, abengekho eminyakeni emibili eyedlule ngenxa yokuhlasela kweCovid-19. Lo mcimbi uzobe ubanjwa okwesi-15 wasungulwa.
Iwu-16 iminxa okuzoqhudelwana kuyo.
Iminxa ebhekwe ngabomvu ngoweSportsman of the Year okubanga kuwo uGreg Minnaar, Mattews States noMakazole Mapimpi.
Omunye ngoweSportwoman of the Year okutholene phezulu kuwo, uTatjana Schoenmaker, Bianca Buitendag noLiezelle Lee.