UZOBUYA kulo nyaka umdlalo okhethekile wombhoxo, iCarling Champions Match, lapho iqembu lakuleli elakhiwe ngabadlali abayibamba kwiCurrie Cup, lizotholana phezulu nelase-Italy Emergenti.
Iqembu lakuleli elaziwa ngeCarling Champions Team lizobe libunjwe ngabadlali abadlalela amaqembu ahlukene kwiCarling Currie Cup, elase-Italy lizobe libophele abadlali asebe sethubeni lokungena eqenjini lesizwe.
Umdlalo uzoba seNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoJulayi 2 ngo-7 ebusuku.
Kuzobe kungokwesibili kudlalwa umdlalo walolu hlobo njengoba ngonyaka odlule iqembu lakuleli labhubhisa iKenya ngo 85-17 eLoftus Versfeld.
Abalandeli beCell C Sharks, Vodacom Bulls, Sigma Lions, DHL Western Province, Toyota Cheetahs, Windhoek Draft Griquas ne-Airlink Pumas bangavotela abadlali abafisa ukubabona bedlala kwiChampion Team.
Kulo nyaka bazophinde banikwe ithuba lokukhetha umqeqeshi ozohola iqembu labo. Ngonyaka odlule lalicijwa ngumqeqeshi weVodacom Bulls, uJake White.
“Kuyintokozo enkulu kubadlali ukuqokelwa kuleli qembu ngoba kwenziwa ngabalandeli, okwenza kube yinto ehlukile,” kusho umengameli weSA Rugby, uMark Alexander.
“Lo mdlalo uyinto engajwayalekile njengoba siqinisa imizamo yethu yokuzisondeza kubalandeli nokuletha okuhlukile kubona nezinkampani ezeseka umdlalo wombhoxo kuleli.
“Injabulo yayibhalwe ebusweni kubadlali baseKenya ngonyaka odlule ngenxa yokuba yingxenye yalo mdlalo owawuyingqophamlando. Nginesiqiniseko sokuthi neqembu lase-Italy ngeke liwuvale umlomo ngokuzokwenzeka eNelson Mandela Bay Stadium.”
Ngonyaka odlule bathathu abadlali beSharks abawuqala lo mdlalo, uNtuthuko Mchunu, Reniel Hugo noWerner Kok, kwathi uMarius Louw waqala ebhentshini.
I-flyhalf yeSharks, uJordan Chait, ikholelwa ekutheni wumdlalo ukhethekile kubadlali nabalandeli.
"Lo mdlalo uhlukile ngoba ngokujwayelekile sisuke siyizitha njengoba sidlala emaqenjini ahlukene," usho kanje.
“Ngicabanga ukuthi kuyabajabulisa abalandeli ukuthi babe nezwi, bakwazi ukukhetha abadlali abacabanga ukuthi bangakwazi ukudlala ndawonye.
"Kuhle ukuthi abalandeli babambe iqhaza futhi nabadlali bahlomule ngefomu yabo enhle, bathole nethuba lokudlala nozakwabo bakwamanye amaqembu nabanye abadlali abangabajwayele."
Abalandeli bangavota ngomakhalekhukhwini babo nakwiFacebook Messenger noma kwi-website yeCarling Currie Cup, ethi www.carlingcurriecup.com.