IQEMBU lakuleli lika-Under 20 labasubathi eliyibambe kumaWorld Athletics World Championships yabanale minyaka livule ngendodo yegolide etholwe uMire Reinstorf enqoba kwi-pole vault.
Kulo mqhudelwano oqhubeka eNyanyo Sports Complex, eKenya le ntokazi eneminyaka yobudala ewu-19, iphume phambili ngokugxuma ibanga elingu-4.15m.
Ayigcinanga ngokunqoba nje kodwa iphule irekhodi labesifazane lase-Afrika ku-Under-20, lika-4.10m, elenziwa u-Syrine Balti waseTunisia ngoSepthemba wango-2002.
"Ngijabule kakhulu ngokunqobela iNingizimu Afrika le ndondo emqhudelwaneni wami wokuqala womhlaba. Bengingazitsheli ukuthi ngizokwazi ukuthola indondo. Ngibonga bonke abangisekile kusukela kwizimenenja.
"Bengisaba ukuthi isimo sezulu sizoba sibi, mhlawumne kube nomoya kodwa singiphathe kahle kakhulu. Ngijabule kakhulu ukuthi nginomqeqeshi omusha esibambisene kahle kakhulu naye. Kuyangijabulisa nokubona umgqigqo wami uthuthuka mihla namalanga,“ kusho uReinstorf.
UBenjamin Richardson uzibekele indawo kowamanqamu ebanga lika-100m elala isithathu (10.30) kowandulela owamanqamu.
Nakuba noBradley Oliphant ephume endaweni efanayo (10.49) kuleli banga kodwa uhlulekile ukudlulela kowamanqamu.
Kwi-javelin yabesilisa, uZander van der Merwe udlulele kowamanqamu ozoba ngoLwesihlanu.
Kwi-4x400m relay exube ubulili, iqembu lakuleli ebelakhiwe u-Antonie Matthys Nortje, Precious Molepo, Angelique Strydom noLythe Pillay kalilibonanga elidlalayo, lilale isihlanu (3:28.98).
Igolide linqotshwe iNigeria.
Kwabesilisa, kowamanqamu ebanga lika-3000m, uJason Bowers ugcine ephume endaweni ka-11 (8:30.76) kwathi uTadase Worku wase-Ethiopia wahlabana ngegolide (7:42.09).
Elakuleli lihambe nabasubathi abawu-54 ukuya eKenya.
Emqhudelwaneni walo nyaka ophela ngeSonto, kubhekwe ukuthi ligeze igama lalo. Kodlule owawuseTampere, eFinland, ngo-2018, labuya nezindondo ezine kuphela. Zaba ntathu ezegolide, yaba yinye eyethusi.