LIWUQALE kahle umzuliswano wesibili wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba ye-netball iqembu lakuleli lesizwe ngokunqoba iTrinidad and Tobago ngo 69-28 eCape Town International Convention Centre, eKapa, ngoMsombuluko ebusuku.
AmaProteas kumele ayinqobe yomithathu imidlalo azoyidlala kuGroup G ukuze abe ngelinye lamaqembu amabili azodlula kuleli qoqo angene kweyandulela owamanqamu.
Angene kuleli qoqo lesibili efumbethe amabili awathole eqoqweni lokuqala ngesikhathi eguqisa iWales.
Amaqembu angene namaphuzu amane kuleli qoqo yiNew Zealand neJamaica, abayinqobe yonke imidlalo yabo emzuliswaneni wokuqala wamaqoqo.
Amaqembu agcina amaphuzu awathole emaqenjini adlula nawo eqoqweni. AmaProteas asenamaphuzu amane ngemuva kokwehlula iTrinidad and Tobago.
Ngaphambi kwalo mdlalo kumenyezelwe ukuthi umdlali waphambili uLenize Potgieter ngeke esakwazi ukuqhubeka kulo mqhudelwano ngenxa yokulimala. Indawo yakhe ithathwe ngu-Owethu Ngubane, ongomunye wabadlali abathathu abebemi ngomumo ukuze babizwe uma kuvele isimo esinje.
Umqeqeshi uNorma Plummer uphinde wenza izinguquko eqenjini eliqale umdlalo.
Ufake uNicola Smith endaweni kaPhumza Maweni emuva, ebambisene noKarla Pretorius, uShadine van der Merwe waqala kwi-wing defence, ukaputeni uBongiwe Msomi wayibamba kwi-centre, u-Izette Griesel wadlala kwi-wing attack.
Naphambili kuqale abasha u-Ine Mari Venter ebambisene noNichole Taljaard.
Nakuba zenziwe lezi zinguquko iqembu lakuleli likhombise ukuhlangana, lakwazi ukuwuphatha umdlalo ngekota yokuqala, laphela lihamba phambili ngo 18-12.
Ngasekuqaleni kwikota yesibili uPlummer ukhethe ukumdonsela ebhentshini uSmith, wafaka uMaweni emuva.
Nokho kugqame kakhulu uMsomi noVan der Merwe njengoba bebewantshontsha ngokuphindelela amabhola kwiTrinidad and Tobago. AmaProteas ahlohle amagoli angu-15 kwikota yesibili, iTrinidad and Tobago yafaka amathathu kuphela, kwayiwa ekhefini elakuleli selihamba phambili ngo 33-15.
Kwikota yesithathu uMsomi uphunyuziwe indawo yakhe yathathwa nguKhanyisa Chawane, u-Elmere van der Berg wangena esikhaleni sikaVenter phambili.
Liphinde lazigwazela ibhece nakule kota elakuleli, libeka enethini amabhola angu-18, izivakashi zathola amagoli ayisithupha, nokwenze amaProteas ahamba phambili ngo 51-21.
UNgubane ulitholile ithuba lokudlala okokuqala eNdebeni yoMhlaba engena endaweni kaTaljaard sekusele imizuzu eyisithupha uphele umdlalo. AmaProteas asezobhekana neNew Zealand komunye umdlalo omqoka ngoLwesithathu ngo-6 ntambama.