OBESETHIMBENI likaLudomo “9mm” Lamati, uColin Nathan, uyakuchitha ukuthi bayibeke engcupheni impilo yalo mshayisibhakela ngokuphuza ukuphosa ithawula empini egcine imlalise esibhedlela.
ULamati wase-Eastern Cape, useqede isonto elaliswe esibhedlela saseBelfast, eNorthen Ireland, kulandela ukushayeka empini yebhande le-WBC International Featherweight ebhekene noNick Ball wase-England.
Impi iphele ngomzuliswano ka-12 emuva kokuthi ikhona lakhe seliphose ithawula. Ufike ekhoneni lakhe waquleka. ULamati ukhishwe eringini ngohlaka esexhunywe amapayipi okuphefumula, waphuthunyiswa esibhedlela. Isitebele ebesihlele impi, iBoxing 5 Promotions, simemezele ukuthi uLamati ukhombisa izimpawu zokwelulama futhi usephumile kwi-coma.
UNathan, imenenja kaLamati, uLarry Waistein nomqeqeshi uPhumzile Matyhila, bagxekiwe ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi bathathe isikhathi sabo ukuphosa ithawula nakuba bekucaca ukuthi lo mshayisibhakela ziyamnetha izibhakela.
"Abantu bathi bekufanele sisheshe siliphose ithawula, abanye bathi impi bengukafanele imiswe. Basho izinto ezihlukene kodwa ngikholwa wukuthi sithathe isinqumo esifanele ngesikhathi esifanele. Sisindise impilo kaLamati. Odokotela bayajabula ngendlela alulama ngayo.
“Usanikwa okokumlalisa kodwa sesehlisiwe isikalo (semishanguzo). Ngiphatheke kabi ngokwenzekile. Kudingeke ngiyokhuluma nomuntu othize ukuze ngizokwazi ukumelana nesimo. Siyethemba ukuthi uzolulama," kusho uNathan.
Ukulimala kukaLamati kuthinte abantu abaningi emhlabeni. Abashayisibhakela base-Ireland sebevule isikhwama ekhasini labo le-facebook, iBelfast Boxers, okunikelwa kusona khona kuzokhokheleka izindleko zokwelashwa kwakhe nokuhambisa umndeni wakhe e-Ireland.
ULamati (21-1-1) ubeqala ukwehlulwa selokhu aqala isibhakela esikhokhelayo ngo-2014. Uwine ibhande laseMzansi, ele-IBO Featherweight nele-ABU.