UKUKHULA ebukela umfowabo edlala ithenisi kwawenza aba nothando lwalo mdlalo amawele aseMpangeni asemela izikole kuwo.
U-Anele Nkosi (15) waseSikhaleni ofunda uGrade 9 Empangeni High uqokwe ukuba ayomela iKwaZulu-Natal ePitoli kwiTennis South Africa Inter-Provincial Tournament ngoMashi 18 kuya ku-22 ehlanganisa izikole eziwu-19.
Lokhu kulandela ukuthi yena newele lakhe uSanele behamba phambili kwithenisi kuleli dolobha. U-Anele ukhethwe emuva kokuthi edle umhlanganiso emqhudelwaneni obungoFebhuwari.
"Saqala ukudlala esikoleni sineminyaka ewu-12 sibukela kubhuti wethu nakwithelevishini. Sizibona ngelinye ilanga sifana nezelamani zakwaWilliams eziyizihlabani zethenisi (uSerena noVenus). Sisekwa nawumqeqeshi uBika Ntuli nokwenza sihlale sifisa ukufunda okusha njalo. Ukuqhamuka lapho ukudlalwa kwethenisi kugqoza khona sifisa ukuthi ngelinye ilanga sibe isibonelo njengamantombazane amnyama aphumelelayo. Uthisha uZwane naye uyasilekelela kakhulu esikoleni ufisa ukuthi sithole umfundaze ngalo mdlalo," kusho u-Anele.
Uyise wamawele uSfiso Nkosi uveze ukuthi alikhombisa eseyizingane ikhono lethenisi ngoba yiwona mdlalo ayewukhonze kunayo yonke ethandwa odado. "Kwaba isinqumo sethu njengabazali ukuthi sibaseke siqinisekise ukuthi ikhono abalivezayo liyabonakala. Siyazama kodwa kunzima ngoba elokishini azikho kahle izinsiza kodwa ngosizo lomqeqeshi wabo siyababona behamba beqoqa izindondo. Nomfowabo wakhula eyidlala ithenisini futhi uyabeseka ukuqinisekisa ukuthi bayaphumelela. Sifisa bakhule baze bamele iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, bakwazi nokuthola imifundaze ezobalekelela," kusho uNkosi.