Lezi zindaba Isolezwe lizaziswe nguPeet van Zyl oyimenenja yalo mgijimi.
"Phansi amaphaphu. Kasisibi isimo sikaWayde. Simkhiphe kulo mqhudelwano ngoba sisaba ukuthi lokhu kulimala kungase kuqhubekele phambili uma eqhubeka nokugijima," kubeka uVan Zyl.
Mayelana nokuthi uzobuyela nini ekugijimeni, uVan Zyl uthe kuzoncika embikweni wodokotela abaqaphe isimo sikaVan Niekerk.
Kuma-ASA Track and Field Senior National Championships, aqale izolo eGreenpoint Stadium, eKapa, uVan Niekerk bekulindeleke avikele isicoco ku-200m asinqoba nyakenye, ePitoli. Ubezogijima naku-100m.
Ubefike kuleli ngo-Ephreli 8, ephuma e-United States of America (USA) lapho ezinze khona ngenxa yokuziqeqesha. Ubebuyele lo mqhudelwano ophela kusasa.
Selokhu lo mgijimi alimala eqakaleni ngo-2017, emdlalweni wobungani womboxo obizwa nge-touch rugby, usephuthwe ukugijima imiqhudelwano ebalulekile.
Akakwazanga ukuyovikela indondo yegolide ebangeni lika-400m kumaCommonwealth Games abengo-2018, eGold Coast, e-Australia nakumaWorld Athletics Championships abeseDoha, eQatar ngo-2019.
Nakuma-Olympic Games abenyakenye, eTokyo eJapan, akalibonanga elidlalayo. Irekhodi lomhlaba lika-400m waliphula kuma-Olympic ango-2016, eRio de Janeiro eBrazil, enza isikhathi esiwu-43.03. Waphula elikaMichael Johnson lango-1999, kumaWorld Championships lika-43.18. Ngemuva kwalokho walandelisa ngesicoco somhlaba ngo-2017 kodwa wangabe esakwazi ukusivikela.
Omunye umgijimi ohoxile emqhudelwaneni kazwelonke ngenxa yokulimala, intokazi esencane, uViwe Jingqi. Ubezogijima ku-100m wabesifazane.