IPHELELE emoyeni imizamo yeqembu lakuleli lesizwe le-netball yokuthi lidlulele kweyandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ebanjelwe eCape Town International Convention Centre, eKapa nakuba linqobe i-Uganda ngo 52-50 emdlalweni walo wokugcina wamaqoqo.
Ngemuva kokubambana neNew Zwaland ngo 48-48 ngoLwesithathu ebusuku, iSpar Proteas ihlale endaweni yesithathu kuleli qoqo ngamaphuzu amahlanu.
Ukunqotshwa kweNew Zealand ngo-48-59 yiJamaica ngoLwesine emini, kushiye iSilver Ferns ibambelele endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Elakuleli lingene emdlalweni wokugcina lidinga ukunqoba i-Uganda ngomehluko wamagoli awu-64, noma ngaphezulu ukuze libe ngelinye lamaqembu amabili azophuma kuleli qoqo adlulele kweyandulela owamanqamu.
Ukwehluleka kwalo kusho ukuthi selizoyibamba kweyokuhlungela indawo engcono kula maqembu asele. Lokhu kusho ukwehluleka ukwenza kangcono kunendawo yesine, elayithola eNdebeni yoMhlaba e-England ngo-2019.
Umqeqeshi uNorma Plummer, uqalise uPhumza Maweni, noKarla Pretorius emuva, uShadine van der Merwe kwi-wing defence, nokaputeni uBongiwe Msomi kwi-centre.
Kwi-wing attack kuqale u-Izette Griesel, phambili kwaba ngu-Nichole Taljaard no-Ine-Mari Venter.
Kucace zibekwa kwikota yokuqala ukuthi i-Uganda, izimisele ngokuqeda endaweni engcono ngoba ibilandela ngemuva amaProtea ngamaphuzu amane.
Iphele elakuleli lihamba phambili ngo 16-11, kusobala ukuthi lisadinga inqwaba yamagoli kumakota amathathu asele.
Maphakathi nekota yesibili kufakwe uKhanyisa Chawane, endaweni kaGriesel, wafike wasinyusa isivinini somdlalo.
Kule kota amaProtea ahlohle amagoli angu-17, i-Uganda yathola ayisishiyagalombili kuphela, kwayiwa ekhefini elakuleli lihamba phambili ngo 33-19.
Kwikota yesithathu kwenziwe ezinye izinguquko phambili kwelakuleli. U-Elmere van der Berg uqale wangena endaweni kaTaljaard kwi-goal attack, wabuye wabuyiswa lo mdlali ezothatha indawo kaVenter, uVan Der Berg waphushelwa kwi-goal shooter.
Kodwa kube yi-Uganda ebuya ngamandla sekugqame abagadli bayo uMary Cholhok noShadiah Nassanga.
Izivakashi ziyinqobe ngo 17-8 le kota.
UPlummer uzame ukuvimba ukugeleza kwamagoli e-Uganda, ngokufaka uJeante Strydom endaweni kaVan Der Merwe, kwanhlanga zimuka nomoya, ziqhubeka nokuwabeka phakathi izivakashi.
Naphambili bese kubheda kumaProtea, sebezitapela amabhola abasemuva be-Uganda, uChristine Nakitto noHaniisha Muhameed.
Ngesikhathi sekusele imizuzu engaphezudlwana kweyishumi bese zibambene ngo 42-42.
Elakuleli lize lalekelelwa umsindo wabalandeli selikhombisa ukukhatha nokudikibala, lagcina linqobe ngo 52-50.
Lokhu kuchaza ukuthi kuleli qoqo kudlule iJamaica neNew Zwaland. Amanye amaqembu azodlala kweyandulela owamanqamu yi-Australia ne-England.