XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaProteas, uDean Elgar, uthi bazimisele ngokuthola umphumela omuhle eThekwini uma sebedlala umdlalo wokuqala we-test neBangladesh.
Lo mdlalo uzoqala ngoLwesine ngo-10 ekuseni, eKingsmead Stadium.
Iqembu lakuleli selihlulwe imidlalo eyisithupha kweyisishiyagalombili yakamuva ye-test kule nkundla. Lagcina ukunqoba libhekene ne-India ngoDisemba ka-2013.
I-test yesibili nekuzoba ngeyokugcina kulolu chungechunge izodlalelwa eSt. George's Oval, eGqeberha, okungenye inkundla lapho amaProteas ejwayele ukuthwala kanzima kuyo.
“Ngisakholwa ukuthi sidlala kangcono uma siseHighveld, kodwa anginazwi mayelana nezinkundla okudlalelwa kuzona, ngiyethemba ukuthi kuzoshintsha lokhu,” kusho u-Elgar.
“Angiyijwayele kakhulu inkundla yaseKingsmead, kodwa kubukeka sengathi utshani buthe ukukhula kancane. Ngiyethemba ukuthi bazoyilungisa kahle inkundla ukuze sikwazi ukushwiba ngesivinini.
"Yize sizodlala enkundleni eyenza ibhola lihambe kancane kodwa kumele sisamukele leso simo. Angikhathazekile ngokuthi sizodlalela kuphi.
"Sidinga ukudlala ngendlela efanele futhi sibe ngcono kunezitha. Yilokho okufanele sikwenze kunoma iyiphi inkundla esidlala kuyo."
Abashwibi abayizethenjwa kumaProteas uKagiso Rabada, Lungi Ngidi noMarco Jansen, abekho njengoba beqome ukuyodlala emncintiswaneni okhokhela kakhulu, i-Indian Premier League (IPL). U-Anrich Nortje usalimele.
Abanye abakhethe ukulaxaza iqembu lesizwe bayobutha imali kwi-IPL abadlali ababhethayo, u-Aiden Markram noRassie van der Dussen.
U-Elgar uthi ukhulumile nalaba badlali futhi wazizwa izizathu zabo zokukhetha lo mqhudelwano esikhundleni sokumela izwe labo kule midlalo emibili.
“Ngibe nezingxoxo ezinhle kakhulu nabo ukuthola ukuthi bakuphi ngokomqondo mayelana nokudlala kuma-test noma kwi-IPL,” usho kanje.
“Ngiyazi ukuthi abadlali babekwe esimeni esibucayi mayelana nokuthatha isinqumo sokuya kwi-IPL.
“Silahlekelwe ngabadlali abanamava kodwa yithuba elihle kulaba abakhona lokuthi baphakame, bafake labo abangekho ngaphansi kwengcindezi.”
I-Bangladesh isanda kuguqisa ama-Proteas ngo-2-1 ochungechungeni lwemidlalo wosuku olulodwa. Nakuba womabili la maqembu enze izinguquko ezithile emaqenjini azodlala, u-Elgar uthe bazolwa ukuze babuyise isithunzi sezwe.
Ama-Proteas agcina ukubhekana neBangladesh emidlalweni ye-test ngo-2017, iqembu lakuleli layinqoba kalula yomibili imidlalo eyayibanjelwe ePotchefstroom naseBloemfontein.
Iqembu lamaProteas: Dean Elgar (ukaputeni), Temba Bavuma, Daryn Dupavillon, Sarel Erwee, Simon Harmer, Keshav Maharaj, Wiaan Mulder, Duanne Olivier, Keegan Petersen, Ryan Rickelton, Lutho Sipamla, Glenton Stuurman, Kyle Verreynne, Lizaad Williams noKhaya Zondo