XOLILE MPISANE
LIHLOSE ukubhukula emdlalweni walo wesibili kwiNdebe yoMhlaba eseNew Zealand, iqembu lakuleli labesifazane lekhilikithi. Lokhu kushiwo ngumshwibi walo uMasabata Klaas.
AmaProteas azobhekana nePakistan emdlalweni wawo wesibili ozobanjelwa eBay Oval eTauranga, ngoLwesihlanu ngo-3 ekuseni.
Iqembu lakuleli livule lo mqhudelwano ngokudla iBangladesh ngama-run angu-32 ngoMgqibelo, kodwa bekungewona umdlalo osezingeni elilindelwe.
EzikaHilton Moreeng zishaye ama-run angu-207 kuma-over angu-49.5 kodwa zatakulwa ngabashwibi abakhiphe iBangladesh yonke, isashaye ama-run angu-175.
“Kukhona okuhle esikuthathile kulowo mdlalo yize singaqalanga kahle ngesikhathi sibhetha. Silwe ndawonye njengeqembu saqhubeka nokukhuthazana,” kusho uKlaas.
“Ngiyazi ukuthi ozakwethu bazolikhuphula izinga emidlalweni emikhulu ngoba sineqembu elihle.
"Kuyajabulisa ukumela izwe lethu kwiNdebe yoMhlaba futhi namalungiselelo ahambe kahle. Samukeleke kahle futhi sasheshe sajwayela, okubalulekile ukuthi esikwenzayo sikwenze ngenjabulo.
"Siyazi ukuthi sizele ukuzodlala ikhilikithi futhi sizimisele ngokunqoba iNdebe yoMhlaba, inhloso yethu ileyo."
UKlaas uthathe amawikhethi amabili emdlalweni wokuqala futhi
“Ngizitshela ukuthi kumele ngibhekane nomdlalo ngamunye. Uma usebenza kanzima ngesikhathhi bengekho abakubhekile, imiphumela igcina ibonakele enkundleni."
IPakistan ayiwuqalanga kahle lo mqhudelwano njengoba isihlulwe imidlalo emibili. Idliwe yi-India ngama-run angu-107 ngaphambi kokuthi ishaywe yi-Australia ngamawikhethi ayisikhombisa.
Ayisishiyagalombili amaqembu asesigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano kanti amaqembu amane azophuma phambili, azodlulela kweyandulela owamanqamu.
AmaProteas asendaweni yesine ngamaphuzu amabili kanti iPakistan isemsileni ngeqanda.