XOLILE MPISANE
IQEMBU laseNingizimu Afrika lekhilikithi labesifazane lizobuyela enkundleni ekupheleni kwale nyanga emuva kokuqinisekiswa kohambo lwalo lwase-West Indies.
AmaProteas agcine ukudlala ngoMashi, eqopha umlando ngokuguqisa i-India, eyidlela ekhaya. Anqoba uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ngo 4-1, ngaphambi kokuthatha eye-T20 ngo 2-1.
Kuhlelwe ukuthi adlale imidlalo emithathu ye-T20 neWest Indies, ezoqala ngo-Agasti 31, aqedele ngemihlanu yosuku olulodwa (One Day International).
Emithathu ye-T20 nemibili yosuku olulodwa izodlalelwa e-Sir Viv Richards Cricket Ground, eminye emithathu yosuku olulodwa izobanjelwa eCoolidge Cricket Ground.
Umqeqeshi waleli qembu, uHilton Moreeng, uthe yonke le midlalo izoba yingxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba yemidlalo yosuku ezobanjelwa eNew Zealand ngonyaka ozayo.
"Kusithokozisa kakhulu ukukhipha izinhlelo zemidlalo yethu yaseWest Indies. Lesi yisikhathi esihle sokubuyela enkundleni ngoba bese siside isikhathi singadlali," kusho uMoreeng.
"Yonke imidlalo yosuku olulodwa izoba wusizo kakhulu kithina njengoba sibheke iNdebe yoMhlaba. Ngikholwa ukuthi neWest Indies izosizakala ukuze ilungiselele ukudlala kweyokuhlunga.
"Nemidlalo ye-T20 isemqoka ngoba isozinika ithuba lokucija amakhono athile esizowasebenzisa ukulungiselela uchungechunge lweyosuku olulodwa. Sizobona kuyona ukuthi sikuliphi izinga nokuthi siyilungele kanjani imidlalo ye-ODI."
Umdlalo wokugcina wamaProteas eWest Indies uzodlalwa ngoSephthemba 19.