XOLILE MPISANE
AMAQEMBU ombhoxo aseNingizimu Afrika aphinde akhombisa ukuthi ayingozi uma edlala ekhaya kwi-United Rugby Championship (URC) njengoba enqobe yonke imidlalo yawo ngempelasonto.
Ngesikhathi umqhudelwano uqala ngasekupheleni konyaka odlule awakuleli aphoqeleka ukuthi adlale imidlalo emine ilandelana phesheya ngenxa yemithetho yeCovid-19 yangaleso sikhathi.
Lokhu kwenza kwangabazeka ukuthi asezingeni elilungele ukududulana namaqembu ase-Europe njengoba abingelelwa ngesibhaxu.
Selibuyile ithemba njengoba esekwazile ukusingatha imidlalo futhi anqoba amaqembu aphesheya uma kudlalwa kuleli.
ISharks icabe indlela ngomphumela omuhle ngoLwesihlanu ebusuku iqumba phansi iDragons ngo 51-3 eHollywoodbets Kings Park.
Bekuwumphumela obudingeka kakhulu eqenjini likaSean Everitt ngemuva kokuthi lidliwe yi-Edinburgh ekhaya kodlule.
U-Ox Nche noBongi Mbonambi bashaye ama-try esiwombeni sokuqala, uWerner Kok wengeza eyesithathu kwesesibili, kwalandela ama-penalty try amabili ngenxa yokuthi iDragons ibihluleka ukuvimba iSharks ngendlela esemthethweni, eyokugcina yashaywa ngu-Anthony Volmink.
Amanye amaphuzu angu-17 akhahlelwe wumdlali ogijima kwi-flyhalf, uCurwin Bosch.
“Kubalulekile ukuthi sihlale sizithobile kodwa ngijabule ngomphumela wethu ngoba uletha ukuzethemba,” kusho u-Everitt.
“Sivale ngci emuva sangabanika lutho kodwa thina sakwazi ukusebenzisa amathuba ethu.
"Senze izinto ezifanele ezingxenyeni zenkundla esingenzanga kahle kuzona emdlalweni odlule. Wonke amathuba esiwatholile ngesikhathi kuvuleka izikhala emaceleni siwasebenzisile.
“Kufuneka siqhubeke nalo mgqigqo ngoba isimo sibucayi kwi-log. Kumele silwele neSouth African Shield ngakho kumele sibe nokuthuthuka."
IBulls iphinde yakhombisa ukuthi akuyi lubuyayo eLoftus Versfeld, iguqisa i-Ulster ngo 34-16 ngoMgqibelo, iLions inqobe umdlalo wayo wesine kulandelana kwi-URC ishaya i-Edinburgh ngo 15-9, kwathi iStormers yadlula kwi-Ospreys ngo 29-13 eCape Town Stadium. .
IStormers yiyona ewahola phambili awakuleli njengoba ilele endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-14, ilandelwa yiBulls esendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-42. ISharks isendaweni yesishiyagalombili ngawu-41.
Yize isiqala ukuhlanganisa imiphumela emihle kodwa iLions isabhekene nomqansa njengoba isabambeke endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-30.
Amaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu ekupheleni kwemidlalo yeligi azodlulela kuma-quarterfinal. Iqembu lakuleli elizowashaya emakhanda amanye lizothatha isicoco seSouth African Shield bese lizibekisela indawo kwiChampions Cup.
Imidlalo ye-URC iyaqhubeka kule mpelasonto lapho amaqembu akuleli azobe egadulisana wodwa. IStormers izobhekana neBulls eKapa ngoMgqibelo ngo-2 ntambama, iSharks idudulane neLions eThekwini ngo-4.05 ntambama.