UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uthi ubazi ukuthi kuzoba nzima ukubhodloza udonga lwasemuva lweqembu elidlala lingasaphelele njengoba kube lukhuni satshe ukuthola amagoli esikhathini somdlalo.
Lokhu ukusho emuva kokuba ezakhe zidlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup ngokuguqisa iMaritzburg United ngo 2-0 amagoli angene ngesikhathi esengeziwe koweLast 32, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ebusuku.
IMaritzburg izithole isidlala isikhathi eside ingasaphelele emva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kukaTravis Graham, ngesiwombe sokuqala. Lokho okuphoqe ukuthi ihlale emuva iphebeze kwasani oluza ngakunozinti wayo.
IChiefs ebilokhu iphungwe ngezithebe, ize yathola amagoli esikhathini esengeziwe ngamagoli kaChristian Saile no-Ashley Du Preez.
“Ngenkathi umdlali wabo ephuma ngekhadi elibomvu, yilapho esibone khona ukuthi sizobhekana nomdlalo onzima.
“Ukudlala nabantu abangaphelele kuhlale kuyinto enzima ngoba bamane bahlale emuva bese besebenzisa ithuba lokuzumisa ngokuya phambili.
Kodwa ngaphambi kwesigameko sokukhishwa komdlali ngekhadi elibomvu, yingaleso sikhathi esibe namathuba anele okushaya amagoli obekungenza siye ekhefini sihamba phambili,” kusho uZwane.
“Ngesiwombe sesibili besesibonile ukuthi iqhinga labo besekuwukusebenzisa uPeprah (Nkwame) ukugcina ibhola, okuyinto akwaziyo ukuyenza, bese belinda isikhathi esifanele sokuhlasela.
“Futhi lokho kucishe kwabasebenzela, umdlali wabo osemncane (uRowan Human) ethumela amabhola amabili amabi avinjwe wunozinti wethu, uBrandon (Petersen).
Ukushaya kwethu igoli kube sekubaphoqa ukuthi bahlasele bezama ukuthola igoli lokulinganisa. Lokho okube sekubavula emuva, sakwazi ukuthola elinye igoli. Empeleni ukuba siwasebenzise ngendlela amathuba, besizoshaya amagoli amane.”
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids, uthe: “Sihlulekile kule mpi (yeNedbank) kodwa le mpi yiyona ezosilungisela ukubhekana nenye futhi impi, okuyimpi ye-ligi.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali bami. Balwe kunzima kwaze kwaba sekugcineni besebenza ngokukhulu ukuzinikela nokubambisana beyiqembu. Yize ukwehlulwa kwethu kubuhlungu, kodwa izifundo esizithole kulo mdlalo (weChiefs) zizosilungisela eminye imidlalo elandelayo,” kusho uDavids.