INQWABA yababhukudi bakuleli basebenzise umqhudelwano omkhulukazi wokubhukuda kuleli, iSouth African National Swimming Championships, ukuzibekisela izindawo kuma-Olympics azobanjelwa eParis, eFrance, kusukela ngoJulayi.
Kulo mqhudelwano obuseNewton Park Swimming Pool, eGqeberha, bekuboshelwe ababhukudi abamnkantshubomvu bakuleli njengoChad Le Clos, Roland Schoeman noTatjana Smith, owayesebenzisa isibongo sakwaSchoenmaker engakashadi.
Nokho, kuphinde kwagqama nababhukudi abasebancane njengoPieter Coetzé, Matthew Sates, Aimee Canny nabanye abathole izindondo zegolide emijahweni ehlukene.
UTatjana Smith uqinisekise ukuthi uzobe ekhona kuma-Olympic lapho ezobe ebheke ukwengeza ezindondweni azinqoba kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021. Kule midlalo wabuya negolide emjahweni we-breastsroke ka-200m, wathola isiliva ku-100m.
EGqeberha uyinqobe yomibili le mijaho ngezikhathi ezikulungele ukungena kuma-Olympic.
Abanye ababhukudi besifazane abazibekisele izindawo eParis uCanny, oshaye isikhathi esifanele kwi-freestyle ka-200m, uKaylene Corbett onqobe umjaho we-breaststroke ka-200m, no-Erin Gallagher, othathe igolide kowe-butterfly ka-100m.
UCanny (20) uqale wahluleka ukushaya isikhathi esifanele kowamanqamu we-freesyle ka-200m ngesikhathi esingaphansi komzuzwana. Ukwazile ukubuya ngosuku olulandelayo emjahweni we-relay, washaya isikhathi esingu-1:56.80, esingaphansi kwesidingekayo kuma-Olympic esingu-1:57.26.
“Angicabangi ukuthi nginawo amazwi okuchaza indlela engizizwa ngayo. Ngijabule kakhulu ngendlela engibhukude ngayo. Akukholakali ngoba kade ngaqala ukulungiselela lo mzuzu. Sesiside isikhathi ngizilolongela ukungena kuma-Olympic ngakho-ke akukholakali ukuthi iphupho lami selifezekile,” kusho uCanny kwi-website ye-Swim SA.
Kwabesilisa, uCoetzé, othole amagolide amahlanu eGqeberha, ushaye izikhathi ezimfaka kuma-Olympic emijahweni ye-breastsroke ka-100m no-200m. ULe Clos naye ungomunye wabazobe bekhona eParis.
Ababhukudi abaqinisekise ukuthi bazomela elakuleli kumaParalympic Games, nawo azoba seParis kusukela ngo-Agasti kuya kuSepthemba, uChristian Sadie, Nathan Hendricks, Alani Ferreira, Danika Vynck noKat Swanepoel.