Usafuna ukuhlala kwiKaizer Chiefs umdlali wasemuva, uNjabulo Ngcobo, ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.
UNgcobo (27) ujoyine iChiefs ngo-2021esuka kwiMoroka Swallows, wasayina inkontileka yeminyaka emithathu. Ufike wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli baMakhosi ngokushaya into ecokeme enkundleni.
Nokho izinto zimjikele ngokuhamba kwesikhathi, wagcina eseqiwa yijezi. Kuqubuke izindaba zokuthi iChiefs ingase imchithe, abuyele kwiSwallows. Ngaphansi komqeqeshi, uCavin Johnson, kubukeka uNgcobo esebuyela esikimini seChiefs. Lokhu kwenzeka sekusele izinyanga eziyisithupha kuphele inkontileka yakhe naMakhosi. Ukusala kwezinyanga eziyisithupha kusho ukuthi usevumelekile ukusayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu.
Imenenja kaNgcobo, uMondli Nyuswa weKnowledge Sport Agency, uthe ayikakhulunywa eyokuvuselelwa kwenkontileka yalo mdlali eNaturena.
“Okwamanje akukho okubambekayo mayelana nenkontileka entsha. UNgcobo usanenkontileka neChiefs. Okwamanje sizama ukuthi agxilise umqondo wakhe ekubeni yingxenye yeqembu nokulwela indawo yakhe esikimini. Ngesizini ezayo uzobe edlala kodwa asinaso isiqiniseko sokuthi kuphi. Okwamanje usengumdlali weChiefs futhi uyayithanda. Akukho ukuxhamazela ngoba usalelwe yizinyanga eziyisithupha njengoba kuwuJanuwari. Asikahlali phansi neChiefs sidingide eyekusasa lakhe kodwa usengumdlali weqembu futhi usazinikele kulona,” kusho uNyuswa.
Ngaphandle kukaNgcobo, abanye abadlali beChiefs abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni, u-Itumeleng Khune, Nkosingiphile Nngcobo, Edmilson Dove, Siyethemba Sithebe, Brandon Petersen, Bruce Bvuma, Lehlohonolo Matlou noSifiso Hlanti. Ukuphela kwezinkontileka zikaKhune, Petersen noBvuma kusho ukuthi iChiefs isengcupheni yokulahlekelwa yibona bonke onozinti ngesikhathi esisodwa uma beqoka ukusayina izinkontileka namanye amaqembu. Kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) kwiChiefs kuvimba uBvuma ongenelwe yigoli elilodwa emidlalweni emine yeDStv Premiership ayidlalile. UKhune uphume esikimini ngoba esamisiwe yiChiefs ngenxa yophuzo oludakayo. UPetersen usenuka iqaqa kubalandeli ngenxa yamaphutha emidlalweni ayidlalile.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe akukho okusakhulunyiwe ngendaba yezinkontileka zabadlali.
“Iqembu livule izolo (ngoMsombuluko). Sisekhempini ePolokwane. Silinde abaphathi basazise ngokwenzekayo. Nginesiqiniseko sokuthi uma sekukhona okukhona bazokudlulisela kithina,” kusho uMaphosa.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 uma esegadulisana neTS Galaxy emdlalweni wePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.