ISINQUMO sokuphumuza uTemba Bavuma emidlalweni ye-T20 neyosuku olulodwa (ODI) abazoyidlala ne-India kule nyanga sizomsiza abuye esenomfutho kweyamaTest, ngokusho kwabaqeqeshi bamaProteas, uRob Walter noShukri Conrad.
AmaProteas azodlala emithathu ye-T20 ne-India kusukela ngeSonto kuze kushaye uDisemba 14, emithathu yama-ODI nemibili yamaTest ezosongwa ngoJanuwari 11. U-Aiden Markram, ongukaputeni weqembu lesizwe le-T20, uzohola nelama-ODI ngesikhathi uBavuma esahlabe ikhefu.
“UTemba usebenze kanzima unyaka wonke kodwa ingcindezi yokuhola iqembu eNdebeni yMhlaba iyawuphazamisa umqondo. Uma ungukaputeni unakwa kakhulu kunabo bonke abadlali,” kusho umqeqeshi weqembu lamaProteas le-T20 nelama-ODI, u-Rob Walter.
“Sibone kusemqoka ukuthi adede kancane ukuze abuye esewumqemane eselungele uchungechunge lwama-Test. Eqinisweni, sifuna bonke abadlali bethu ababalulekile babe sesimeni esihle kakhulu kulolu chungechunge. Yilokho okuholele ekutheni sithathe izinqumo esizithathile mayelana nabo.
“Kungenzeka kubonakale sengathi yisinqumo esikhulu kodwa kube lula kakhulu ukuthi sisithathe. Sihlale phansi sobathathu, mina, uTemba noShukri, savumelana ngakho konke. Akubanga yingxoxo edonse isikhathi eside ngoba sonke sibone kuzomsiza uTemba iphinde ithuthukise nekhilikithi yakhe.”
Ngaphandle kukaBavuma, umshwibi uKagiso Rabada naye ngeke abonakale kweyeT20 neyama-ODI ukuze afike ewumqemane kakhulu ochungechungeni lwamaTest. Umqeqeshi weqembu lesizwe lamaTest, uConrad, uthe indlela abaxhumana ngayo kahle noWalter yenza kube lula ukuthi bathathe izinqumo uma kuqokwa amaqembu.
“Kusobala ukuthi sinobudlelwano obuhle sinoRob futhi esikubeka eqhulwini yilokho okuzophumelelisa ikhilikithi yaseNingizimu Afrika namaProteas. Sisheshe savumelana ukuthi kufanele sibeke uchungechunge lwamaTest phambili. Ngikubheke ngabomvu ukusebenza neqembu elivuselelekile futhi elizilungiselele ngokwanele,” kusho uConrad.
UGerald Coetzee, Marco Jansen noLungi Ngidi ngeke bawudlale owesithathu weT20 nochungechunge lonke lwama-ODI. Bonke abadlali abazophunyuzwa bazodlalela amaqembu abo asekhaya kwi-4 Day Domestic Series kusukela ngoDisemba 14 kuya kuDisemba 17, ukuze kuqale imidlalo yama-Test ngoDisemba 26, sebengenile egiyeni.
U-Anrich Nortje noWayne Parnell abakhethwanga njengoba bengakalulami ngokugcwele.
Umdlalo wokuqala weT20 useHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini ngeSonto ngo-6 ebusuku.
Iqembu lamaProteas lochungechunge lweT20: Aiden Markram, Gerald Coetzee, Donovan Ferreira, Heinrich Klaasen, Lungi Ngidi, Tabraiz Shamsi, Lizaad Williams (Titans), Ottniel Baartman, Keshav Maharaj, David Miller, Andile Phehlukwayo (Dolphins), Marco Jansen, Tristan Stubbs, Matthew Breetzke (Warriors), Nandre Burger (WP), Reeza Hendricks (Lions).