UKUNQOBA imijaho ngezikhathi ezihamba phambili kulo nyaka kwabasubathi ababili bakuleli emiqhudelwaneni emikhulu kuphinde kwakhuphula amathemba okuthi ithimba lakuleli lingahle lingabuyi lilengise izandla kuma-Olympic azoba seParis nonyaka.
Kwavalwa ngehlahla kubasubathi bakuleli kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021 kwazise akekho owabuya ephethe indondo.
NgoMgqibelo u-Akani Simbine unqobe umjaho ka-100m emqhudelwaneni i-Adidas Atlanta City Games, e-USA, eshiya enye yezimbangi zakhe, uFerdinand Omanyala waseKenya.
Isikhathi sakhe esingu-9.90 yisona esisahamba phambili kuleli banga kulo nyaka.
Ephawula ngemvua kwalo mjaho, uSimbine uthe yize engafuni ukubeka kakhulu engqondweni ukuthi ungomunye wabagijimi abahamba phambili njengamanje, kuzomsiza njengoba eseqinisa amalungiselelo ama-Olympic azoqala ngoJulayi.
“Angicabangi ukuthi ukunqoba kwami imijaho kwenza ukuthi ozakwethu balangazele ukungishiya. Into engigxile kuyona ukuqhubeka nokuzilolonga ngendlela efanele, ngiphinde ngigijime kahle emijahweni,” kusho uSimbine ekhasini leCitius Mag kwiYouTube.
“Kuyiqiniso ukuthi ukunqoba kuyalikhuphula izinga lokuzethemba. Umqeqeshi wami uhlezi engitshela ukuthi kunzima ukuhlula omuntu osuke ezethemba. Nami ngiyakholwa ukuthi uma ngiqhubeka kanje kuzoba nzima ukuthi bangishiye.
“Okumqoka ukuthi ngiqhubeke nengikwenzayo, ngingabheki kakhulu izikhathi. Siseside isikhathi ngaphambi kokuthi siye eParis, ngakho-ke asikho isidingo sokujaha.”
Umjaho olandelayo kaSimbine uzobe ukwiWanda Diamond League e-Oslo, eNorway, ngoMeyi 30.
UWayde van Niekerk, obekumele angenele umjaho ka-200m kulo mqhudelano obuse-Atlanta, ugcine ehoxile. Ngokwemibiko kukhona abengakuzwa kahle eqolo.
Omunye umsubathi wakuleli owenze ezibukwayo ngempelasonto nguPrudence Sekgodiso, onqobe umjaho ka-800m kwiDiamond League ebiseMarrakech, eMorocco, ngeSonto ebusuku.
USekgodiso unqobe lo mjaho ngesikhathi esingu-1:57.26, okuyisona esihamba phambili emhlabeni kulo nyaka. Uphinde waphula isikhathi sakhe esingcono kunazo zonke sika-1:58.41, asishaya eNairobi, eKenya, ngo-2022.
“Ngizizwe ngifikelwa wumunyu kodwa bengingazi ukuthi ngizokhalela kubani ngoba umqeqeshi wami ubengekho. Ngijabule kakhulu ngendlela engigijime ngayo. Ngesikhathi ngizilolonga bengilungiselela umjaho osheshayo, ngakho-ke akukho okungimangazile ngalapho,” ubeke kanje uSekgodiso ekhasini leDiamond League kwi-YouTube.
“Into engigxile kuyona kakhulu ukuthi kufike ama-Olympic ngisesimweni esihle. Lona bekungumjaho wami wesibili kulo nyaka. Ngisazogijima eminye emibili e-Europe bese ngibuyela ekhaya ngiyoqhubeka nokulungiselala ama-Olympic.”
USekgodiso uzogijima kwiStanislas Meeting eNancy, eFrance, ngoMgqibelo bese edlulela kwiDiamond League ezoba seStockholm, eSweden, ngoJuni 2.